UEngen uthathe igxathu eliyaphambili ukweseka i-Merewent Cheshire Home

IMerewent Cheshire Home isinakekele abahlali baseNingizimu yeTheku abaphila nokukhubazeka cishe iminyaka engamashumi amathathu; kodwa manje ikhaya libhekene nezingqinamba ezinkulu zokuqhubeka nokuhlinzeka izidingongqangi zabahlali balo abanokukhubazeka.

Emva kokuba lihlonzwe yikomidi i-Community Engen Joint Committee njengeskhungo esinesidingo esikhulu, u-Engen uthathe isinqumo sokulekelela ngomnikelo oyizinkulungwane ezingamashumi amane amarandi (R40K), okubalwa kuwo uphethiloli wezinkulungwane eziyishumi (R10K) nemishini yezokwelapha efana ne-Blood Pressure Monitor, i-Blood Glucose Monitor, Bath Hoist kanye ne-Medical Trolley.

i-Merewent Cheshire ihlinzeka izakhamizi ngokuzinakekela amahora angamashumi amabili nane (24), ukudla okunempilo, ukugeza kanye nokuhlanza indawo abahlala kuyo, ukufinyelela kuMhlengikazi kanye noSonhlalonhle, ukusekelwa kwengqondo, ezokuthutha ezikhethekile njengoba kudingeka, imisebenzi yezenhlalonhle, ezemidlalo nezinye izindlela zokuthuthuka nokuzijabulisa.

Inhloko ka-Engen ye-Transformation and Stakeholder Engagement, uDkt James Xolani Nyawera uhlangane namalungu ekomidi i-Community-Engen Joint Committee ukunikela izimpahla ngokusemthethweni eMerewent Cheshire Home ngomhlaka 10 kuNcwaba 2023.

“Inhlalakahle yomphakathi kanye nokufakwa kwabakhubazekile ezinhlelweni zika Engen kungenye yezinto eziwu ngqa phambili, enikeza inkampani ithuba lokufaka isandla kumalungelo abakhubazekile eNingizimu Afrika,” kuphawule uDkt Nyawera.

Umphathi weMerewent Cheshire Home, uWinnie Mkhize, ubonge u-Engen ngokwesekwa kwabo.

“Sijabule kakhulu ku-Engen ngomnikelo wabo obalulekile. Imishini yezokwelapha kanye nokunikela ngophethiloli kuzosiza izakhamizi zethu ezingamashumi amane nanhlanu-45 ezivela ezindaweni eziseduzane zaseWentworth, Merebank, Lamontville, naseMlazi,” kusho uMkhize.

Njengelungu eselineminyaka futhi elizinikele kulomphakathi waseNingizimu neTheku, u-Engen wamukela ukusebenzisana noMphakathi wakulendawo ukusungula ubudlelwano obunempilo nobusimeme nabo bonke abathintekayo.

U-Engen uyaqhubeka ukuhlanganyela nabamele uMphakathi wakulendawo ngokusebenzisa ikomidi i-Community-Engen Joint Committee ukubhekana nezimo ezikhathazayo kanye nokuhlola ukwakhiwa kwamathuba ekusasa.

“Ikomidi i-Community-Engen Joint Committee liyindawo eqavile yokudingida nabaholi boMphakathi waseNingizimu neTheku izidingo zoMphakathi. Kulelikomidi ilapho kukhululwa khona ngazo zonke izinto ezingasiza umphakathi ukuthi uthuthuke”, kusho uNyawera. 

Ikomidi elihlanganise amalungu omphakathi nezikhulu zakwa-Engen, libamba imihlangano yokunikeza nokuthola izimpendulo mayelana nezinkinga.

U-Nyawera wengeze wathi: “Inhloso enkulu ukuthuthukisa ubudlelwano obuhle bokusebenzisana nomphakathi nokwakha ubudlelwano obunesisekelo phakathi kuka-Engen nomphakathi.

“Njengenkampani ekhathalela inhlalakahle yoMphakathi futhi enakekelayo, sethemba ukuthi umnikelo wethu uzohamba ibanga elide ukuhlinzeka izidingo zabahlali baseMerewent Cheshire Home.” 

IMerewent Cheshire Home e-Austerville, eThekwini yavulwa ngomhlaka 1 kuNhlangulana 1994 futhi ingesinye sezikhungo eziyishumi nesithupha-16 zezinsiza eNingizimu Afrika, kanti esinye sezinhlanu eThekwini, zonke ezixhumene neLeonard Cheshire International eLondon.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *