Isilomo sebhola esesathatha umhlalaphansi, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, seluleke intsha engabadlali bebhola ukuthi iziphathe kahle futhi idlalele kude nezidakamizwa nobugebengu.
Lo mgadli owake wagijima emaqenjini okubalwa kuwona i-African Wanderers, iKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates, iBafana Bafana noSuthu ubekhuluma emcimbini wohlelo iSports Against Crime Programme obuseCato Manor Sports Ground. Lo mcimbi ubuhlelwe wuphiko lukaMasipala olweseka izinhlelo zomphakathi, iCommunity Participation and Action Support Unit.
Uhlelo iSports Against Crime Programme lukhuthaza abantu abasha ukuthi bahambele kude nobugebengu nokuthi basebenzise ezemidlalo ukuguqula impilo yabo.

