OWENHLANGANO EQEQESHA  IZINGANE NGAMAKHONO EZANDLA UFISA UKUTHOLA USIZO

SHEILA MHLONGO

Ugogo uSdudla Mavis Majola (69) waseMatikwe Area 2 eB14 eNanda, enyakatho yeTheku,  nongumsunguli wenhlangano engenzi inzuzo iNtombiyezizwe NPC, eyenza umsebenzi wokuqeqesha izingane zamantombazane ngemisebenzi yezandla efana nokwenza ubuhlalu, ukuthunga, ukucwala izinwele kanye nangezeluleko zokuziphatha.

Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla lizifikele mathupha ukuyozibonela indawo kagogo uSdudla kanye nomsebenzi awenzayo, ngoMgqibelo womhlaka 3 Septhemba. Echaza ugogo uthi unezingane zakhe ezinhlanu kanye nabazukulu abangu-13 ahlala nabo endlini yakhe enamagumbi amane ingxenye yayo eyakhiwe ngodaka kanye nama blocks.

Ugogo uSdudla utshele iKZN Namuhla ukuthi igumbi alala kulo elakhiwe ngodaka nobekubonakala ukuthi lingawa noma inini, ilona asebenzela kulona aphinde afundise kulona izingane njengoba engenayo indawo. Kanti akekho nomuntu osebenzayo kulelikhaya baphila ngempesheni yakhe yobudala.

Eqhuba ugogo uthe zonke izingane zamantombazane zisukela eminyakeni engu 7 yobudala kuze kube ngaphezulu kanti futhi wonke lomsebenzi ugogo akukho mali ayikhokhisa abazali bezingane akwenzayo kuvela othandweni lokuzinikela.

Ugogo uthi ufisa ukuthola usizo lokulungiselwa umuzi wakhe  ukuze ube sesimeni esiphephile nesizokwazi ukuthi sanele izingane ngoba manje kumele azingenise ngokushintshana ngenxa yesimo.

Okunye ugogo uthe unemishini emibili kuphela esebenzayo eminye kudala yafa kanti akanayo nemali yokuyikhanda, wathi angajabula ukuthola eminye imishini ukuze akwazi ukufundisa kahle.

Ukuze akwazi ukubeka isinkwa etafuleni  ugogo uthe ufisa nokuthi athole indawo yokudayisela imikhiqizo yakhe yobuhlalu kanye nezimpahla zokugqoka azithungayo, wathi lokhu kungaba usizo kakhulu.

UOlwethu Hlatshwayo oneminyaka engu 14 ofunda uGrade 8, kwesinye sezikole endaweni, uthi ugogo umfundisa ukuthunga, kanti angajabula uma engathola imishini esebenza kahle kanye nezindwangu ukuze akwazi ukufunda kahle.Isifiso sakhe ukuthi uma esefundile akwazi naye ukwedlulisela ulwazi kwabanye.

IKZN Namuhla ithole ithuba lokukhuluma nezingane zamantombazane ebezikhona ezichaze konke ezikufundiswa ugogo. Zakhombisa ukukuthakasela kahulu ukuba khona kukagogo uSdudla emzimpilweni zazo,zathi ubafundisa nokuthi kumele babekezele empilweni futhi bangalilahli ithemba .

Noma ubani ongaba nothando lokufisa ukusiza ugogo uSdudla angakwazi ukuxhumana naye ngocingo kulenombolo:074 248 4699

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *