Kuxwayiswa amaPhoyisa omgwaqo  ngomkhuba wokugwazisa

SHEILA MHLONGO

Njengoba sekusondele isikhathi samaholidi okuphela konyaka, abeRoad Traffic Management Corporation (RTMC), okuyibo ababhekele ukugcinwa komthetho, sebekhiphe isitatimende esixwayisa amaPhoyisa omgwaqo ukuthi angalokothi alingeke ngokugwazisa izephulamthetho emgwaqeni ngoba uphiko lwe anti corruption luzobe lusezithendeni zawo amaphiyisa.

Lesixwayiso siza emva kokuthi kugwetshwe elinye iphoyisa lomgwaqo laseMpumalanga ngecala lokwamukela imali engu R200 yokugwazelwa, kanti ligwetshwe inkantolo yase Ermelo Regional Court.

Leliphoyisa laboshwa emva kokwamukela imali yokugwazelwa engu R200 liyinikwa umcuphi ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso we Project Arrive Alive ngomhlaka 22Januwari, 2020, kodwa leliphoyisa laboshwa ngomhlaka 3 Mashi 2021. Labe selithola isigwebo seFine ka R4,000 noma izinyanga eziyishumi nambili -12 ejele emva kokuthi lizivumele lona icala.

Umsolwa wabekwa icala nasemsebenzini waphetha ngokuthi aphelelwe umsebenzi. Abe RTCM banxusa ukuthi kube nesigwebo esikhulu ukuze kuqedwe umkhuba wokugwaziswa kwabanikazi bezimoto. Isitatimende siphetha ngokuthi umphakathi unxuswa ukuthi ubike uma usola izenzo zenkohlakalo kwi email:ntacu@rtmc.co.za noma ngenombolo ka WhatsApp: 083 293 7989. SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *