Abantu bakuleli bayaxwayiswa ngezinhlobo zamaqhinga ezigebengu azisebenzisa ukuduna izimoto, ikakhulukazi njengoba kusondela isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
Loluhlobo lobugebengu selungenelwe ngisho nangabantu besifazane abahambisana nabesilisa, abesifazane bona basebenza njengodobo. Izigebengu zicutha emagalaji kapetrol nokulapho owesifazane uya emotweni yomshayeli wemoto afike acele usizo lokufoniswa ngoba yena ebe isisulu sokudunelwa imoto lapha ucela ukuthi asebenzise ucingo lomnikazi wemoto ukuze abikele umyeni wakhe kodwa futhi okuphetha ngokuthi angatholakali nalowo myeni.Bese umshayeli adabuke bese emgibeza emotweni okuthi besahamba kuqhamuke amadoda abamise kube ukungena egibeni lokudunwa kumshayeli aphuncwe zonke izinto zakhe aze akhishiswe nemali yonke kuATM.
Okwesibili kuba isu lokuhlasela abashayeli besilisa lapho kuba khona intombazane ebonakala igqoke umfaniswano wesikole maqede icele usizo kowesilisa bese igibela emotweni, kuthi isangenile kuqhamuke ozenza saphoyisa bese intombazane ikhala ithi ihlukumeziwe bese iphoyisa mbumbulu lifune ukugwazelwa ngo R3000 ukuze engaboshwa owesilisa.
Ngenxa yalobugebengu abanikazi bezimoto bayaqapheliswa ukuthi bangagibezi abantu abangabazi ngoba akusaphephile.
Udaba lucashunwe ephephandabeni iTimes Live nalo ithole iVideo yeENCA.