SHEILA MHLONGO
Iqembu leNkatha Freedom Party KwaZulu-Natali selizwakalise ukukhathazeka kwalo mayelana namanani asezingeni eliphezulu emifaniswano yesikole. Lokhu kuza emuva kokuthi iningi labazali bezingane nabo bezikhalela ngamanani aphezulu lokhu okudalwa ukuthi izikole zenze izivumelwano nezitolo ezithile noma nazo izikole okugcina kuphoqa abazali ukuthi bakhokhe amanani aphezulu.
“Amanani emifwaniswano yezingane zesikole aphezulu kakhulu lapha eNingizimu Afrika, ngakho thina njengeqembu leIFP siyakholelwa ukuthi lokhu kunenhlese yenkohlakalo phakathi, asihambisani neze nezinkontileka eziphakathi kwezikole nabathengisi kodwa sibona kungcono ukuthi abazali bathenge ngenani elilingana namandla abo”. Kusho isitatimende esikhishelwe abezindaba.
Iqembu le-IFP lifuna izikole ukuthi zimeme abathengisi bemifaniswano ngendlela esobala. Ngoba umgomo osetshenziswa izikole uphambene nomgomo wokuncintisana futhi uvimbela abathengisi abasha ukuthi bakuthole kunzima ukungena kulemakethe yothengisa imifaniswano yezikole.
Isitatimende siqhuba ngokuthi lokhu okwenzekayo kuphambene nomgomo omayelana nomfaniswano yezikole owashicilelwa uMnyango wezeMfundo emaBangeni Aphansi kuzwelonke owashicilelwa ngo-2015. Lomgomo wabekwa ngenhloso yokuvimbela khona ukuthi kube nomthengisi oyedwa ngoba kufaka ingcindezi kubazali. Izikole zibukeka zingawushayi indiva lomgomo ngoba namanje kusabusa izivumelwano ezinikeza ithuba umthengisi oyedwa noma ababili.
UMgomo kazwelonke washicilelwa ngokokuqala kwi Government Gazette ka 2006 ngokomthetho wezikole, oyalela ukuthi umfaniswano wezikole unenhloso ebalulekile emfundweni kanye nakunhlalakahle. Ngakho ubukhona bomfaniswano akumele kuvimbele umfundi ukuthi aye esikoleni noma kuvimbele ilungelo lomuntu.
Abantu abaningi baphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni kodwa uma ubheka inani lomfaniswano lingaphezulu kakhulu kwemali yesibonelelo etholwa abantu. Lokhu okugcina ngokuthi izingane eziningi zihambe esikoleni ngaphandle kwezicathulo.
Ukubiza kakhulu kwamanani omfaniswano kuba nomthelela omubi kubantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ngoba bahamba amabanga amade bebheke emadolobheni beyothenga imifaniswano emadolobheni, ngakho kungaba isu elihle ukuthi imifaniswano idayiswe nasezindaweni zasemakhaya.
Iqembu leIFP liyasemukela isimemezelo esenziwe abe Competition Commission sokuthi izoshushisa izikole ezingalandeli imigomo yokuthengwa kwemifaniswano.