SHEILA MHLONGO
Njengoba amaqembu amaningi ezepolitiki kusukela kwamancane kuya kwamakhulu , esemkhankasweni wokunxenxa amavoti ukuze uma kufika usuku lokhetho lomhlaka 29 Meyi 2024, abantu bakhethe amaqembu epolitiki abawathembayo. Lomkhankaso ulandelwa ama-rally awo,lapho ethula khoma ama-Manifesto awo.
Yebo kuhle impela ukuthi wonke amaqembu azizamele inhlanhla ngoba vele kulemihla esiphila kuyo lapha eNingizimu Afrika, ukuba neqembu lepolitiki sekufana netoho lokuziphilisa kwabaningi, hhayi ngoba kukhona okutheni okwenzelwa umphakathi.
Kanti njengoba siqeda iminyaka engamashumi amathathu (30) lelizwe libuswa ngaphansi kombuso wentando yeningi, kuningi okuhle esikubonile kushintsha uma kuqhathaniswa nezikhathi zombuso wobandlululo. Kodwa futhi kukhona nokubi esikubonile okwenza impilo ibukeke inzima kubantu abaningi abasemazingeni aphansi.
Konke okuhle nokubi esikubonile kwenzeke ngaphansi kweqembu elibusayo lika African National Congress (ANC ) nalo eseliqede iminyaka engu 30 yonke liphethe izintambo zombuso kuleli.
Iqembu leANC singasho ukuthi nalo likwenzile konke okusemandleni alo ukushintsha izimpilo zabantu bakuleli uma kuqhathaniswa nezikhathi zombuso wobandlululo ngaphambi kuka 1994. Kodwa ke kuthiwa akukho soka lingenasici.
Ngakho singasho futhi, ukuthi amaphutha esiwabona enzeka eqenjini le –ANC iwona kanye azale lamaqembu ezepolitiki esiwabona evumbuka manje kanye naseminyakeni edlule.Ngenxa yawo lamaphutha lamaqembu aqala aphupha ezibona kuyiwo aphethe izintambo zombuso.
Amanye amaqembu aphikisayo, aqala ngesasasa elikhulu lapha, singabala ele COPE elasungulwa uMnu Terror Lekota owahlubuka kwi-ANC ngoba ezonda ukuba ngaphansi kukaMnu Jacob Zuma, kube iqembu le UDM nalo elaba elokuqala ukuhlubuka kwi ANC elasungulwa uGeneral Bantu Holomisa ngoba edinwe okuthile kulo iqembu leANC, lamaqembu eqala aba nedumela ngenxa yalo njalo iphupho lokucabanga ukuthi angakwazi ukuhlwitha umbuso eqenjini leANC. Kodwa ke ngokuhamba kwesikhathi amaphupho awo lamaqembu aya ngokushabalala ngenxa yokuncipha kokuthenjwa abavoti.
Sengiphetha leliphupho lamaqembu aphikisayo amadala namasha lingakwazi ukufezeka inqobo nje uma abavoti bengawethemba noma ke mhlampe ahlanganise amavoti awo abone ukuthi ayakwazi yini ukuwanika amandla okubusa leli ngaphandle kweANC.