Isitha seqebu le ANC iyona uqobo lwayo

Iqembu le African National Congress (ANC) kumele lizinuke amakhwapha, ngezinto ezenzeka ngaphakathi kulona ezidalwa intukuthelo yamalunga kanye nabantu abangabaholi phakathi kulona leliqembu.

Njengoba ngikhuluma nje wonke amaqembu kuleliviki esiphuma kulo abesembhidlangweni wokuhambisa uhlu lwamagama abantu abazowamela ephalamende kanye nakuzifundazwe kuhlanganisa naku NCOP.

Loluhla lwamagama beluthunyelwa   kwi -Indipendent Electoral Commission (IEC). Kodwa manje  nakhoke uhlu lwenhlangano ye ANC sekutholakala seluputshuka kwabezindaba. Umbuzo kanjani amanye  amaqembu ebe engaputshukanga?

Impendulo iyona kanye lena engiqale ngayo yabantu abangabaholi bangaphakathi kwaANC,ngoba sekwaba  usiko nje ukuthi umholi uma ediniwe noma engaboni kahle bese eputshuza izimfihlo zangaphakathi noma amane aqale iqembu lakhe.

Omunye umkhuba ukukhipha izimfihlo zayo zinikezwe abaholi bamanye amaqembu kuze ishaywe ngazo. Ngisho noMalema umholi we EFF wathi angaba nenkinga neqembu wasungula elakhe, kwangathi lokho akwanele. Amalunga asebuholini bayo iANC abe esephila ngokukhiphela yena uMalema izimfihlo zangaphakathi kanye namaphutha enzeka phakathi okuyikho iqembu le-EFF belisebenzisa kona ukushaya I-ANC ePhalamende kusukela ngisho nangezikhathi zalowo owabe enguMengameli walo uMnu Jacob Zuma. Lilonke abantu be ANC abanaso isifuba.

Sengathi lokhu kuncane buka ngisho uMsholozi uthe angadinwa iqembu lakhe wahlangana nabasunguli beqembu loMkhonto Wesizwe Party, maqede waphumela obala ememezela ukuthi usezokhankasa aphinde avotele yona iMK Party. Kodwa khona lapho wathi uzoqhubeka eyilunga le ANC kodwa angeke aphume kuyona uyoze afe ewu Khongolose.

Sengiphetha kanti kwakwenze njani labantu abanentukuthelo engaka ngoba nalapha odabeni loluhla lwabazomela iqembu inkinga isekutheni kusho ukuthi kukhona abathukuthele ngenxa yokufakwa kwabathile mhlampe obekungafanele bangene. Kodwa umbuzo uthi manje bazozuzani laba abaputshukisa izinto zeqembu uma kunjena. Impela indaba ezikhundla iyinkinga bakwethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *