SBU MAMBA
Komele ifunde lukhulu ku Mamelodi Sundowns iKaizer Chiefs ne Olando Pirates uma ifuna kubuyisa isithunzi sabo ku PSL .
Abafana bokuthula noxolo naMabhakabhaka yibona ekade behlonishwa
kakhulu ebholeni lase Ningizimu Africa bewina izindondo ngazimbili noma ngazintathu ngesizini kodwa kuleminyaka eyedlule ziguqukile izinto udumo lwabo lokushaya kwasani luthathwe iSundowns iyazenzela manje ngezicoco iyona manje ethatha ngazimbili nangazintathu ngonyaka
Imfihlo yempumelelo yeSundowns ukuthi noma iphethwe isiqumama uMnu Patrice Motsepe ophinde abe uMengameli weCAF kodwa emahhovisini eSundowns kuqashwa abantu abalaziyo nabalithandayo ibhola akuqashwa noma ubani ezikhundleni eziphezulu kuSundowns, iholwa izinkakha ezazigijima kuyo iSundowns oPeter Ndlovu , Daniel‘Mambush“Mudau no Ezrom Nyandoro .
Enye imfihlo yaMasandawana uma sikhuluma ngabaqeqeshi ayipheki ithulula njengalezi khondlakhondla zase Soweto umqeqeshi uyanikwa isikhathi esanele ukubumba iqembu elisingeni eliphezulu , kuleminyaka eyishumi edlule abaqeqeshi abaqashwe yiSundowns abadluli ku 5, uPitso Mosimane wathatha izintambo kumqeqeshi uNeskeeens wanikwa ikontileka ende umfoka Mosimane , abaphathi beSundowns baqala bazibona izithelo , uMosimane wadla izococo iminyaka ilandelana kuLigi o-MTN 8 , CAF CHAMPIONS LEAGUE wagcine athole umsebenzi kwiqembu elikhulu lase Egypt i-Ahly Aly nakhona wafike wenza ezibukwayo. No Rulani Mokwena uqhubeke lakwagcina khona uMosimane uwina izicoco njalo ngonyaka.
Okunye ukusize i Sundowns ukuthi ayidlali nezingane uma kuvuleka iwindi lokudayiselana ngabadlali ithenga abadlali abakhulu abanohlonze , selokhu i Sundowns yathengwa uMnu Motsepe ayisayinisi uvucu ithenga izibabuli zabadlali abavutha bhe , igadla ngisho nakuChiefs nePirates , uma kukhona umdlali emthandayo kuChiefs noma ku Pirates iyawaphuca lakilabhu ase Soweto ayilokhu ibhala icisha imthenga ngokushesha , kuleminyaka edlule ku Pirates yathatha Tso Vilakazi , Teko Modise , Andile Jali , Oupa Manyisa zolo lokhu ithathe intandokazi yeZimnyama u Thembinkosi Lorch kanti ngapha ku Chiefs u Geoge Lebese , Riyard Peterse , George Maluleka nabanye . Njengamanje Amasandawana ashaya ngabagadli base South America abangalibheki ipali singabala umdlali wase Brazil uRibiero Costa , Marcelo Allende wase Chile , Gaston Sirino wase Uruguay , Junior Mendieta no Matias Esquivel badabuka e-Argentina
Impofana okwenza ukuthi njalo iqede isizini incela izithupha ukuthi ayizwani nokukhokha ingakho igcine ithenga uvucu nabaqeqeshi abangekho ezingeni eliphezulu selokhu leqembu laphathwa izingane zika Mnu Kaizer Motaung izinto azihambi kahle ngisho nasemiqhudlwaneni emikhulu likhishwa yizimfunda makhwela.
Uma lezinkuzi zase Soweto zingawanyusi amasokisi kelesizini ezayo iSundowns isaqhubeka ukuba iNkosi yezicoco ebholeni lakuleli