
SBU MAMBA
Abafana besithende iGolden Arrows ize kulomdlalo inethemba lokuthi izokhala yemuke namaphuzu
amathathu emdlalweni wabo weDSTV Premiership nezikaMagebhula iOrlando Pirates obuse Orlando
Stadium ngoMgqibelo ebusuku kanti ababuzanga elangeni kwashintsha ukudla epletini yabagugisa
ngompentshisi iPirates ibabhaxabule ngo 7-1
I- Arrows isefomini enhle kade sincoma ubuhlakani nobuchule bomqeqeshi wayo ngesonto eledlule
uMnu Steve Khompela kodwa kulokhu ihlangene nezimbila zithutha iPirates iwanyuse kakhulu
amasokisi kulomdlalo. Amabhakabhaka akhombise zisuka nje ebhandeni ukuthi afuna amaphuzu
amathathu kulomdlalo bekubhoke kakhulu umgadli uTshegofatso Mabasa nomfana omncane
uMfokeng ibona kade behlupha kakhulu izitobha ze Lamontville Golden Arrows esiwombeni sokuqala
, igoli lokuqala lePirates lishaywe uMabaso lesibili lashaywa uMfokeng elesithathu lishwaywa
uDlamini , isiwombe sokuqala bekufanele siphele ngo 4-0, uMagebhula owagebhula umhlaba
kaMasipala uthole iphenathi sekuyophela isiwombe sokuqala wayivimba unozinti we Arrows
uMlungwane.
Esiwombeni sesibili iqhubeke yazidlela amahlanga iPirates kubhoke kakhulu uMabasa , umfoka
Mabaso ube yiqhawe ushaye amagoli amathathu kulomdlalo (hatrick) kanti amanye amagoli
eZimnyama ashaywe uMthethwa noKarim Kimvidu odabuka eDRC Congo , elokubika ekhaya le Arrows
lishaywe uNguse umdlalo ugcine uphele ngawo u 7-1 kunqoba amabhakabhaka ebukisa ngabafana
besithende. Umqeqeshi weArrows uKhompela ekhuluma nomsakazi weSABC ubonakele ejabhile
ngalomphumela , ubongele i Pirates washeshe wahamba , uJose Riviero uyena obonakele ejabule
ngalomphumela uthe ukuthatha isikhathi impela exoxa nentatheli encoma abadlali bakhe ngokudlala
ibhola elinenkosi phakathi. Uthe uyafisa ukuthi abadlali bakhe bazimisele kanjena noma sebebhekene
noSuthu olumabheshankone Amazulu FC emdlalweni wabo we Nedbank Cup.

