UMasipala weTheku utshale uR600-million ekwakheni I Westown eShongweni

ZUKUSWA MTHANTI

Amathemba kwimpucuko endaweni yase Shongweni emva kokufakazisa I Balwin  properties

ekutshaleni u R2-billion namuhla ubambisene no Maspala weTheku.

Balinganiselwe kwinkulungwane abantu abaqashiwe nenkampani eziwu 27 ekwakhiweni indawo ezobe inesibhedlela esizimele ne mall ezobizwa ngeWestown square ezodala amathuba omsebenzi

Iphinde ithuthukise nomphakathi.

IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda uphawule ngokuth njengoba etshale imali yomphakathi

elinganiselwe  ku R600-million ukulungisa umgwaqo, ukufaka amanzi nogesi ukuze kuqiniseke ukuth lomsebenzi uyimpumelelo. Kuzothi uma sekuphele lesakhiwo umvuzo uzobe ungaphezulu kuka 500-millions njalo ngonyaka.

uCarlos Correia i CEO ye Fundamentum Properties okade efakwe ohlwini lwezikhulumi uphakamise

 kakhulu ukubambisana kwakhe ne Balwin Properties ekuqinisekeni ukuthi lomsebenzi uyimpumelelo.

Umphathi we Balwin Properties u Steve Brokes uthe,” Kuyintokozo ukutshala imali kwinto ezothuthukisa umphakathi iphinde isize kakhulukazi kwintsha engasebenzi okuyinto ehlasele izwe lethu. Kubalulekile ukubambisana ekwakheni izwe lethu ukuze nomnotho wesizwe ukhuphuke”.

Inkosi yendawo uShozi idlulise ukubonga kakhulu kubatshali bezimali ukuze indawo yakhe ithuthukiswe iphume nasebugebengwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *