
BOITUMELO MAGANGANE
Abasebenzi baka Eskom abangaphansi kwe company eyaziwa ngokuti I TSFM endaweni yase Mabhodini eNewcastle, bakhathazekile mayelana ngendlela asebesebenza ngayo yokukhethwa kwezinsuku zokusebenza.
Bayakhalaza ngenkinga ababhekene nayo yokusebenza ngokukhetha izinsuku bengasazi isizathu kungaba yisiphi sona. Lomshophi waqala ukubavelela ngonyaka ka 2021 ngemuva kwe covid 19, babona ngamaphepha ashoyo ukuthi indlela yokusebenza isiyashintsha yize abaphathi babo bengabahlalisanga phansi babachazela kabanzi.
Okunye okungabaphethe kahle ukuthi ozakwabo abasebenza nabo kwamanye amasayidi abayazi eyokusebenza ngokukhethwa kwezinsuku kubona akukho okwashintsha. Isifiso salabasebenzi ukwazi ukuthi Eskom uyazi yini ukuthi kwenzakalani kolunye uhlangothi, isivumelwano phakathi kuka Eskom no TSFM mayelana ngendaba yoku rater ngoma izimo ze company azifani kanye nemithetho yakhona .Bakholelwa ekuthenini noma bengenza umsebenzi owodwa ngeke bahole imali elinganayo.
Izikhalazo ezinye ukuthi kuqale inkontileka entsha kulonyaka kodwa sebekhethiswa izinsuku,bafisa ukwazi ukuthi uthini uEskom ngalesinqumo senkontileka entsha,nokuthi Phakathi kuka Eskom no TSFM ubani othenga ama uniforms ngoba uyigqoka izinyanga eziyisithupha sekuphelile ngayo,bebefisa nokuhlangana nabaqashi babo abanamahovisi eThekwini ngoba selokhu baqala ukusebenza abakaze bababona.

