Ithimba leziphathimandla zaseThekwini zigasele emabhizinisini aseMlazi ehlola ukugcinwa komthetho

UMasipala ube nomkhankaso wokuqinisekisa ukusebenza komthetho eMlazi lapho kuvakashelwe khona izitolo eziningi ukuze kuhlolwe ukuthi ziyayithobela yini imithetho yezempilo nezokuphepha. Iningi lezitolo ezivakashelwe belingenazo izinsiza zokucisha umlilo kanti abanikazi bazo belulekwe ukuthi bazithole ngokushesha. Baphinde banxuswa ukuthi babhale amanani ezimpahla abazidayisayo njengoba kusho umthetho. Kuphinde kwakhishwa nezimpahla okutholakale ukuthi zidlulelwe yisikhathi.

Khona manjalo kuphindwe kwavalwa esinye sezitolo esidayisa inyama yenkukhu esisenkabeni yeTheku uPhiko lwezeMpilo loMkhandlu weTheku livale  Frendo’s Chicken esemgwaqeni  iDr AB Xuma Street eThekwini ngenxa yokwephulwa komthetho wezeMpilo nokuphepha. Ukuvalwa kwalesitolo kwenzeke emuva kokuhlolisiswa kwayo okuveze ukuthi abanikazi besitolo abayigqizi qakala imigomo yezohwebo ehlanganisa ukungabi nemvumo, nokwehluleka ukuveza amarekhodi okuthengwa kokudla ,kanye nencwadi yokufuthwa kwezinambuzane. 

Kulesitolo kube nokungabikho kwamaphepha epulani yebhilidi, indawo esemthethweni engenisa umoya, kwaphinda kwatholakala ukuthi lendawo kuphinde kuhlalwe kuphinde kulalwe kuyona okufaka engcupheni uhlelo lokuhambisa imfucuza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *