![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/NARE.jpg)
Ngiyabingelela mzansi wonke emuva kokhetho ngithi kubo bonke osopolitiki abathole ithuba lokuhola ngokunqoba okhethweni ngokwehlukana kwezigaba siyabahalalisela siphinde sihloniphe bonke abantu abazinike ithuba lokuyozikhethela abaholi ngamavoti wabo. Kubo bonke ubuholi bepolitiki sengathi kungaba nokubambana nokusebenzisana ngoba kunqobe izinhlangano ezehlukile sengathi injongo yazo ingaba yodwa kube ukunakekela izidingo zabantu ababavotele .
Akube nothando nokubambana ephalamende kusetshenziswane ukuze kufezwe izethembiso ezenziwe kubantu . Abantu bakhethe ngoba benethemba ngobuholi ababukhethile ukuthi izikhalo zabo ziyozwakala namaphimbo wabo ayozwakala baphendulwe banikezwe lokho abakudingayo kubonakale ushintsho ezindaweni zabo nasemphakathini. Iphalamende malinakekele abantu lizizwe nezikhalo zabo futhi ziphendulwe .
Obhalayo ngumfundisi Katlego Nare