IKZN Namuhla Community Newspaper ibungaza inyanga yentsha

Iphephendaba lomphakathi iKZN Namuhla libungaza inyanga yentsha lapho kukhunjulwa khona intsha yaseSoweto ebalelwa phakathi kuka 3,000 no 10,000 okwathi ngomhlaka 16 June yaphumela ezitaladini ibhikisha iphikisana nokufundiswa ngolimi lwesibhunu. Kulombhikisho kwafa intsha ngenxa yokudutshulwa amaphoyisa ombuso wobandlululo.

Kulonyaka ka 2024, iNingizimu Afrika ibungaza unyaka wamashumi amane nesithupha (48) kwenzeka lesigameko sokubhikisha kwentsha yaseSoweto. Emva konyaka ka 1994 uhulumeni wentando yeningi wahlonza lolusuku ukuba lube iholidi lokubungaza intsha eyabamba iqhaza ekulwisaneni nemithetho yobandlululo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *