Izinyokanyoka zibe yisizathu sesinqumo se-Eskom sokunciphisa amandla kagesi

OWAMI THABETHE

KUBALULWE “izinyokanyoka” njengenye yezimbangela zesinqumo se-Eskom sokunciphisa amandla kagesi – okuhlinzekwa ngawo umphakathi – okuzogadla KwaZulu-Natal, iLimpopo, iWestern Cape, i-Eastern Cape, Gauteng, iMpumalanga neNorth West. Lokhu kuvezwe yisikhulu esibhekelele ukusebenza kukagesi kwa-Eskom, uMnu Monde Bala, ngesikhathi sicacisa ngalesi sinqumo. Uthe ukwebiwa kukagesi nokuxhunywa kwawo ngendlela engekho emthethweni, yikho okuholele ekuthathweni kwalesi sinqumo.

“Ukusebenza nokugcwala ngokweqile kwama-transformer kwezinye izindawo, kungaholela ezigamekweni zezingozi zokusha kwawo, imiphakathi ihlale isikhathi esingangezinyanga eziwu-6 ihluphekela ugesi. Lokhu (kuncishiswa kwamandla kagesi) kuzoba yinto yesikhashana kulesi sikhathi sasebusika,” esho. Uphinde wabalula ukuth lezi zinyokanyoka zinawo umthelela wokusha kwemizi yabantu njengoba kusebusika nje. Uma bebaningi abantu abasebenzisa ugesi ngesikhathi esisodwa transformer kagesi iyasindelwa njengoba uxhunywe ngokungemthetho nje, mase uyaqhuma ubhubhise izinkumbi zabantu kanye nemizi ikakhulukazi ezindaweni ezakhelene njengemijondolo. Uthe bakhathazekile ngoba sekungene ubusika, kuzobikwa amacala amaningi abantu ababhubhiswe ukuqhuma kwezintambo zikagesi.

UBala uqhube wathi u-Eskom ubhekene nezigameko eziningi zokuxhunywa ngokungemthetho, ukudlula imitha kanye nokuphazanyiswa,ukusebenza okungagunyaziwe kunethiwemi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kanye nokweba kanye nokungakhokhi nokungathengwa kwamathokeni kagesi.

 Uthe lokhu okulona uhlelo lukagqam’cishi (load shedding) , osekuphele izinsuku eziwu-104 lumisiwe eNingizimu Afrika. Ube esenxenxa amalungu ase Ningizimu Afrika ukuba abhalise futhi afakelwe ugesi ngokomthetho ukugwema izinkinga eziningi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *