Lusematheni uhlelo lwe-app kamasipala kwizakhamizi zaseThekwini

SHIELA MHLONGO

Uhlelo lwe-App kaMasipala lubonakala liwuhlelo oluthandwa kakhulu yizakhamizi lapho zibika khona izinkinga zokulethwa kwezidingongqangi, ikakhulukazi izinkinga ezithinta ugesi namanzi, nokuxazulula izinkinga ngendlela encomekayo phakathi nesikhathi esishiwo esingamahora angu-48.

Le app, ethulwe ngo-2023 isinabantu abangaphezu kuka-86 000 asebenayo, isibe yindlela engcono yokuthola usizo ngesikhathi. Inhloko yoPhiko lakwaSizakala, uMavuso Tshabalala ithe le app yenza kube lula ukuthi izakhamizi zibike izinkinga.

“Kuyasijabulisa ukubona izakhamizi zisebenzisa le app njengoba bekuhlosiwe. Le app yenzelwe ukuhlinzeka izakhamizi inkundla yokubika izinkinga ngokushesha, futhi sikhuthazwa yimpendulo enhle esiyitholile. Izinkinga eziningi ezibikwayo, zihlanganisa ukunqamuka kukagesi, ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi, ukuqhuma kwamapayipi nemigodi, lezi zinkinga zilungiswa Phakathi kwamahora angu-48, okuveza ukusebenza ngokushesha kwale app,” kusho uTshabalala.

UMasipala uqinise imizamo yawo yokukhuthaza ukusetshenziswa kwale app njengendlela yokuqala ukubika izinkinga zokulethwa kwezidingo. Njengengxenye yalo mkhankaso, amabhasi kaMasipala azofakwa isikhangiso sale app ukuze kuqwashiswe izakhamizi mayelana nokusebenza kwayo nezinzuzo. Lawa mabhasi azobe esebenza ezindaweni ezifana noMlazi, iNtuzuma, iKwaMashu nasenkabeni yeTheku.

“Sijabule ngamabhasi asevele esemgwaqweni anesikhangiso sale app yethu. Lapho abantu bebona amabhasi, yilapho bezokwazi kabanzi ngale app, futhi bazozitholela yona ukuze bayisebenzise. Le app iyindlela ebalulekile kwizakhamizi zethu. Nakuba sikhuthaza umphakathi ukuthi uvakashele izikhungo zikaSizakala ukuze uthole izinsiza ezengeziwe, lolu hlelo lusebenza njengenye indlela yokubhekana nezinkinga ezifanayo ngendlela efanele,” kusho uTshabalala.

Izakhamizi zingasebenzisa le app ukuze zithole izinombolo zezimo eziphuthumayo, zikhokhe izikweletu zikaMasipala nge-Masterpass, ziqophe imininingwane yokufundwa kwamamitha yazo, zibheke futhi zibuze ngezikweletu zazo zikaMasipala, zixhumane nenkundla yamathenda futhi zixhumane nezinkundla zezindaba zeTheku zobuchwepheshe. Izakhamizi zingazitholela le app ku-Google Play Store, ku-Apple App Store naku-Huawei App gallery.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *