OWAMI THABETHE
IMeya kaMasipala weTheku uCyril Xaba, ihalalisele i-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) yaseThekwini ngokuqokwa njengesikhungo esihamba phambili saseNingizimu Afrika eMihlanganweni Yomhlaba, Izinkomfa Nemibukiso (MICE) Awards 2024.
- ICC iklonyeliswe ngesikhathi kunomcimbi omkhulu eHo Chi Minh City, eVietnam ngomhlaka 4 Septhemba.
UXaba uthe impumelelo ye-ICC iyancomeka kakhulu njengoba isithatha lesi sicoco okwesibili eminyakeni emine nje vo, njengoba yake yanqoba ngo-2020. Kulo nyaka, i-ICC idlale kahle kakhulu kunezinye izikhungo zengqungquthela ezihamba phambili eNingizimu Afrika, okuhlanganisa iCape Town International Convention Centre, I-CSIR International Convention Centre ePitoli, kanye neSandton Convention Centre eGoli.
UXaba uncome ukuqhubeka nokwenza kahle kwe-ICC, wathi lokhu kuhlonishwa kugcizelela ukukhula kweTheku njengendawo ebalulekile yemicimbi yomhlaba.
“Njengobuholi bedolobha, kuyasijabulisa ukubona iDurban ICC iphinde ihlonishwa njengesikhungo sezingqungquthela esihamba phambili eNingizimu Afrika,” kusho uXaba.
Uthe lo mklomelo awugcini nje ngokubungaza izinsiza kusebenza ze-ICC ezisezingeni lomhlaba kodwa ugqamisa nokuvela kweTheku njengesango elivelele lokungena e-Afrika.
“Impumelelo ye-ICC ikhulisa kakhulu igama ledolobha lethu, iheha izingqungquthela zamazwe ngamazwe, futhi ibambe iqhaza elikhulu ekuthuthukisweni kwezokuvakasha kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi endawo,” kusho uXaba.
IMeya iphinde yancoma ukusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela kwethimba laseThekwini ICC, eliholwa yi-CEO uLindiwe Rakharebe.
“Lo mklomelo uwubufakazi bemizamo yokungakhathali kwethimba laseThekwini le-ICC, elincomekayo ukuzinikela kwalo ekwenzeni umsebenzi omuhle nokudala amava anomlando omuhle,” kusho uXaba.
URakharebe othole indondo egameni leDurban ICC, uzwakalise ukuzigqaja kwakhe futhi nokuqhubeka nokuzinikela ekwenzeni kahle.
URakharebe ugqamise izinto ezibalulekile ezibe nomthelela empumelelweni ye-ICC, okuhlanganisa isimo sezulu esihle saseThekwini, ingqalasizinda esezingeni eliphezulu, kanye neminikelo yamasiko enothile.