UMasipala weTheku unxenxa abantu ukuba bagome imfuyo yabo kumarabi

OWAMI THABETHE

UMASIPALA weTheku usenxuse abanikazi bezilwane ukuthi bagomele imfuyo yabo kumarabi kulandela ukushona kwengane ngemuva kwezinsuku idlala nenja enamarabi.

Uphiko lwe Communicable Diseases  kuMasipala weTheku luthe le ngane eneminyaka emithathu ehlala eNgonyameni iveze ukukhathala kanye nomphimbo obuhlungu.

“Ingane ibike yahlangana nenja okusolakala ukuthi inamarabi. Ngemuva kokukhombisa izimpawu, ingane yashona ngokudabukisayo,” kusho lolu phiko esitatimendeni sabezindaba.

Kuphinde kwatholakala ukuthi inja ibekwe phansi ngumnikazi wayo ngemuva kokuba nolaka.

UPhiko lwe Communicable Diseases luthe amarabi kubantu angaveza izimpawu ezifana nekhanda elibuhlungu, imfiva, ukudideka kwengqondo, ukucasuka, ukungahlaliseki, nobuhlungu bemisipha, phakathi kokunye. Lesi sifo siyingozi kakhulu kodwa siyagwemeka.

UMasipala uyalele abantu izindlela ezisheshayo uma belunywe isilwane esinamarabi njengokugeza kahle noma yisiphi isilonda sokulunywa ngamanzi ahambayo nokufuna usizo lwezempilo ngokushesha ukuze ugonyelwe isifo samarabi, kubalulekile ukungabheki ukuthi isilonda sibonakala sisincane kangakanani.

Ithimba  leCity Communicable Diseases lisebenzisana ngokubambisana noMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal ukunqanda ukubhebhetheka kwesifo samarabi.

Izakhamuzi zikhuthazwa kakhulu ukuthi zibambe iqhaza futhi ziqinisekise ukuthi izilwane ezifuywayo ziyagonywa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *