Izinyunyana zamukele  ukwethulwa kwamamitha kagesi e-pre-paid ezikoleni zaseThekwini

OWAMI THABETHE

Izinyunyana zothisha zamukele uhlelo lukaMasipala weTheku lokwethula ama-pre-paid metres ezikoleni ukuze usize uMnyango wezeMfundo ekuguquleni zonke izikole zikaMasipala zisuka ku-postpaid ziye ku-pre-paid ugesi.

UMasipala uthe njengamanje lolu hlelo lugxile kakhulu ezikoleni ezikweletwayo kodwa luyatholakala kuzona zonke izikole zikahulumeni ngaphandle kokubheka isimo sezikweletu.

IDolobha lithe ezikoleni ezingu-1 000 eziphakelwa ugesi nguMasipala, zingu-66 ezifake izicelo zokufakwa amamitha we-prepaid.

Eminyakeni edlule kuke kwabikwa ukuthi eThekwini inqwaba yezikole zisatshiswa ngokunqanyulwa kukagesi namanzi nokuyinto ephazamisa ukufunda.

UMasipala uthe ukuze kuthuthukiswe ukuqoqwa kwezikweletu zikagesi namanzi, kumanje wethula uhlelo lwe-smart meter.

Sekufakwe ama-smart metres angaphezu kuka-120 000, futhi ngokuhambisana nesu lokushintsha ugesi, kuzosatshalaliswa amanye ama-smart metres kagesi angu-150 000 eminyakeni emihlanu ezayo, kusho umkhandlu weTheku.

UNobhala Jikelele weNational Teachers’ Union (Natu) uDoctor Ngema usamukele uhlelo lukaMasipala.

IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ithe lolu hlelo luyingxenye yesu leTheku lokunciphisa izikweletu.

“Njengobuholi beDolobha sizibophezele ekwenzeni ngcono ukuqoqwa kwemali engenayo ukuze sikwazi ukuletha izinsiza ezisezingeni. Khona manjalo kumele sisize amakhasimende anezingqinamba kodwa azimisele ngokukhokhela izidingo ngoba ikhasimende elijabule liyakhokha,” kusho uXaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *