SBU MAMBA
Ezimnyama ngenkani ezakaMagebhula ezagebhula umhlaba kaMaspala zawubhekisa phezulu i Orlando Pirates ziqophe umlando ngokuba ngompetha beMTN okwesithathu kulandelana, Amabhakabhaka abhaxabule iStellenbosch FC ngo 3-1 kuma Finals e-MTN 8 obuse Moses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ebusuku ngamagoli ka Monnapule Saleng, Tshegofatso Mabasa no Relebogile Mofokeng kanti ele Stellis lishaywe u Bradley Mojela.
Izinsizwa zaseKapa iStellies beziwuphethe umdlalo ngesiwombe sokuqala kanti ngesiwombe sesibili Amabhakhaniya awanyuse kakhulu amasokisi. IStellies sivule inkundla ngegoli lika Bradley Mojela oshaye igoli elihle ngomzuzu weshumi nantathu kanti elokulinganisa lePirates lishaywe uMonnapule Saleng , ziye ekhefini ngegoli elilodwa ngapha negoli elilodwa ngale.
Ngesiwombe sesibili Amabhakabhaka ahlasele zisuka afaka ingcindezi kubafana be Stellies kodwa izitobha ze Stellies zathi lutho eLuthela , ngomzuzu ka 90 abaningi besebecabanga ukuthi lomdlalo uzoya kumaphenathi , ngomzuzu ka 91 umgadli wePirates osefomini uTshegofatso Mabasa uphule izinhliziyo zabalandeli beStellis eshaya igoli lesibili lePirates ,abadlali beStellenbotsch bavele bangenwa amanzi emadolweni omfana omncane uRelebogileuMofokeng osuka ku-development ushaye igoli lesithathu yanqoba kanjalo iPirates, ukhiphe izinyembezi zenjabulo umqeqeshi we Orlando Pirates u Jose Riviero ejabulela igoli lesithathu , lenziswa edabuka eSpain ayikaqedi ngisho iminyaka eyisihlanu ilolonga iPirates kodwa usegile izimanga enqoba izicoco , ubuyise isithunzi kuleliqembu lase Soweto , iPirates idlala ibhola elisezingeni eliphezulu kanti iyawashaya futhi amagoli.

