![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-35.png)
OWAMI THABETHE
USihlalo weKomidi leDolobha lezokuHlaliswa kwaBantu, ubuNjiniyela, kanye neSigungu sezokuThutha uKhansela Themba Mvubu uhlabeke umxhwele ngenqubekelaphambili esiyenziwe ezinhlelweni ezibalulekile ze-Community Residential Unit (CRU), yenani elingaphezu kuka-R111 million.
UKhansela uMvubu uvakashele umgwaqo uDonnelly Road, KwaMakhutha, kanye naseMlazi T CRU mhlaka 18 Novemba ukuyobheka inqubekelaphambili kanye nokubhekana nanoma yiziphi izinselelo.
Ubalule ukuthi uMasipala wenza inqubekelaphambili ebonakalayo kuzo zontathu lezi zinhlelo, njengoba kunezinselelo ezincane ezihlangabezene nazo.
“Uhlelo luka-R52 million lweDonnelly Road Housing Project, okuhloswe ngalo ukuhlinzeka ngezindlu ezisezingeni eliphansi eningizimu yeTheku, emngceleni weWentworth kanye neBluff, manje seluphothuliwe u-80%. Uma seluphothuliwe lolu hlelo luzokhiqiza amayunithi angu-128,” kusho uKhansela uMvumbu.Uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esigcemeni sakwa-T eMlazi luhlangabezane nezinselelo ezincane, kodwa waqinisekiswa usonkontileka ngokuthi intuthuko enkulu izobe isikhona ngesonto lokuqala likaDisemba.
“Njengamanje, usonkontileka uqedela amabhulokhi amabili kwangu-9 esitezi esiphansi. Ngijabule kakhulu nge-CRU yaKwaMakhutha, lapho kunenqubekela phambili ebonakalayo njengoba usonkontileka esezodlulisela lolu hlelo kuMasipala ungakapheli uNovemba,” kusho uKhansela Mvubu.
Uchaze ukuthi uma uMkhandlu usugunyaze izimali zamaphrojekthi, kubalulekile ukuthi iKomidi lenze umsebenzi wokuqapha ukuze kuqashwe ukusetshenziswa kwezimali kanye nenqubekela phambili yamaphrojekthi.
“Ngaphezu kokulandela imali, kubalulekile ukuthi siqinisekise ukuthi umsebenzi wenziwa ngendlela ebekiwe. Njengabaholi kumele singenelele uma kuvela izingqinamba,” kuphetha uKhansela uMvubu.