OWAMI THABETHE
U- SANRAL uumemezele ukuthi Ibhuloho lomfula iMbokodweni elisemgwaqweni u-N2 KwaZulu-Natali seliphinde lavulwa ukube izimoto sezingahamba kulona ngomhlaka 21 Novemba, emva kwamaviki amabili esiminyaminya emgwaqeni.Ibhuloho livalwe ngomhlaka 4 Novemba, kulandela ukulimala kwamanye ama-bherings alo, ikakhulukazi ama-rocker bherings kakhonkolo asekela ubude bebhuloho elibheke eningizimu yeTheku.
UMengameli uCyril Ramaphosa wafika kulona ibhuloho mathupha ezohlola lelibhuloho ngenkathi lisanda konakalai mhla zingu-8 kuNovemba 2024 futhi wabikelwa uNgqongqoshe wezokuThutha u-Barbara Creecy, iPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMkhuleko Hlengwa kanye ne-CEO yakwa-SANRAL uReginald Demana.Isigaba sokuqala sokulungiswa sihlanganise ukushintshwa kwamabheringi kakhonkolo ahlukile. Lokhu kuzovumela ngisho izimoto ezinkulu ukuhamba, kusukela ngo Disemba kuya kuJanuwari .
Kodwa-ke, ukuhamba kwemithwalo engavamile kanye nemithwalo emikhulu phezu kwalelo bhuloho kuzomiswa ngaleso sikhathi, ngokombiko kwabalungisa ibhuloho. Isigaba sesibili sokulungisa kufanele siqale ngasekupheleni kukaJanuwari 2025 futhi sizofaka ukushintshwa kwawo wonke ama-bhering omklamo ofanayo ebhulohweni .
Lo msebenzi uzokwenziwa ngaphandle kokuphazamiseka okuncane emigwaqeni.Isikhulu sakwa-SANRAL uReginald Demana, sithe sijabulile ngesivinini isikhungo esilungise ngaso ukulungiswa kwemigwaqo, sathi kuseqhulwini kwi-roads agency ukuqinisekisa ukuthi ibhuloho liyasebenza ngaphambi kokuqala kwamaholidi ngenxa yokubaluleka komgwaqo u-N2. “Ukuvulwa kabusha kwebhuloho lomfula iMbokodweni ngaphambi kwesikhathi samaholide kuhle kakhulu futhi kubalulekile kubasebenzisi bomgwaqo.
Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kwe-SANRAL ukufeza lokho esakuthembisa uMengameli Ramaphosa kanye noNgqongqoshe wethu ngesikhathi bevakashele ibhuloho emasontweni amabili edlule. Ekugcineni, kukhombisa ukuthi i-SANRAL izimisele ukuqinisekisa ukuthi abantu abasebenzisa lowo mzila obalulekile wokuya emakhaya ngoKhisimusi kanye nabamaholide ngokufanayo. Kuphinde kube ngomunye wemigudu ebaluleke kakhulu ezweni lethu ekuthuthweni kwempahla ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali ne-Eastern Cape,” kuchaza uDemana .