OWAMI THABETHE
Uhulumeni usexwayise amalungu omphakathi ngokuphazamisa uhlelo lokubhaliswa kwespaza ngokuvimba abanikazi bezitolo abathile ukuthi bangene lapho kubhaliswa khona.Lokhu kungemuva kokuba kubikwe ukuthi izakhamizi zizimisele ukuvimba abantu bakwamanye amazwe, ikakhulu abokufika abangenazo izincwadi zokubhalisa amabhizinisi abo.
Lokhu kulandela ukuvela kobutha obutholakale ngokudla osekudlule nemiphefumulo yezingane ezingu-22 ezweni lonke kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule. Abanye balaliswe esibhedlela.Abaningi basole abanikazi bezitolo ngokudayisa ukudla okungcolile nokupakishwe kabusha.Lokhu kubonakale ngesikhathi abahloli bezempilo bethola ukuthi izinto eziningi ezitolo ziphelelwe yisikhathi futhi azikulungele ukusetshenziswa.
Ukuhlola okusemthethweni ngokuhlanganyela kuyaqhubeka ezweni lonke okuholwa ngamathimba ezinhlaka ezehlukene ahlanganisa ongoti nezikhulu zeminyango eyahlukene kahulumeni, izinhlaka zombuso, nezikhungo zomthetho.
“Sithanda ukugcizelela ukuthi umthetho uvumela wonke umnikazi wesitolo ongumhwebi osemthethweni futhi ohlangabezana nezidingo zomthetho zokuba nebhizinisi kuleli ukuthi abhalise ibhizinisi futhi ahwebe,” kusho isitatimende.
Uhulumeni uzophinde aqinisekise ukuthi kuyalandelwa yonke imithetho esemthethweni evumela abantu ukuthi benze ibhizinisi ezweni.
“Abantu namabhizinisi abahlangabezana nezidingo zomthetho nemithethonqubo ebekwe yimithetho yaseNingizimu Afrika kuphela abazovunyelwa ukuqhuba amabhizinisi ezweni,” kugcizelela uNatjoins. Iphinde yanxusa osomabhizinisi ukuthi babhalise amabhizinisi abo ngaphandle kokubambezeleka zingakapheli izinsuku ezingama-21 ezishiwo nguMengameli uCyril Ramaphosa.