SBU MAMBA
Iqembu lase Limpopo elingakaqedi ngisho izinyanga ezintathu ku PSL iMagesi FC lingompetha abasha beCarling Knock- Out Cup 2024 ngemuva kokuguqisa izinkunzi ze PSL iMamelodi Sundows ngo 2-1 ngoMgqibelo kowamanqamu obuse Free State Stadium eBloemfontein , ngokunqoba iCarling i-Magesi iqophe umlando wokuba yiqembu lokuqala eliwine indebe ngesizini yokuqala esigabeni esikhulu selokhu kwasungulwa i (Premier Soccer League) PSL.
IMamelodi Sundowns edume ngokuwina izicoco ihlasele zisuka kulomdlalo kubhoke kakhulu uPeter Shalulile , Rebiero Costa no Iqraam Rayners , kuthe ngomzuzu ka 36 esiwombeni sokuqala iMagesi yenza iphutha emuva umgadli weSundowns osefomini u-Iqraam Rayners walibeka enethini yahamba phambili Sundowns , aqhubekile. Amasandawana nokuhlasela efuna igoli lesibili kodwa izitobha zeMagesi zashaya phansi ngonyawo zathi lutho eLuthela , ziye ekhefini iSundowns ihamba phambili ngo 1-0.
Kuyacaca ukuthi okushiwo ngabaqeqeshi ngesikhathi sekhefu kuyisebenzele iMagesi njengoba ibuye nomfutho esiwombeni sesibili ingasazinzile emuva , kushintshe ngampela ukudla etafuleni kuthe ngomzuzu ka 48 zakhala uTsepo Kakora walibeka enethini igoli leMagesi lokulinganisa , kujabule ngisho nabalandeli beChiefs ne Pirates kungena igoli.
ISundowns ithe izama ukuhlasela ifuna igoli lokuwina yaphinde yabuya iMagesi yashaya igoli lesibili , elishaywe u Delano Abrahams , umdlalo uphele kanjalo ngo 2-1 bajabula abalandeli beMagesi nezitha zeMamelodi Sundowns , omunye umlandeli we Sundowms bekhala mi izinyembezi. Umqeqeshi weMagesi uClinton Larsen owaqala ukuqeqesha ngo 2003 ekhuluma nabenzindaba uthe uthanda ukubonga kakhulu abadlali bakhe nabalandeli ngokuwina lesicoco uthe akafuni ukuthembisa izulu nomhlaba kodwa uthe uma abadlali bakhe bazoqhubeka nokudlala kanjena bazoqeda endaweni enhle ku log-ye Betway Premiership.
IMagesi ibingaqali ukushaya iqembu elikhulu ku PSL ngenyanga edlule ibhaxabule i Pirates ngo 3-2 , yashaya i-TS Galaxy ngo 1-0 , yahlula izinsizwa zaseThekwini iLamontville iGolden Arrows ngo 1-0 kuligi , yadlala ngokulingana 2-2 neKaizer Chiefs .