Nginibingelele , bantu bakithi kulomhlaba esiphila kuwo sonke sinezitha esingazi nokuthi senzani kuzo okwabangela ubutha , kunabantu abalwa nathi singazi basibangisani , bafune ukucekela phansi yonkinto oyenzayo , bakhulume kabi bagxeke yonkimizamo yakho bakungcolisele igama .
Balandele yonkinto oyenzayo kanti bafuna amaphutha bawagqamise . Kungenzeka kulonyaka kuningi abakubambe ngakho bakuqumba phansi . Ngicela ube ufundile kulonyaka ozayo ungabanikezi ithuba . Ngiyanikhuthaza nize ninganyakaziswa yizenzo ezimbi zezitha nezinkulumo zazo . Inhlebo yazo yiphenduleni amafutha wendlela ningahlehli . Abantu abamfuni oyaphambili bazama zonke izindlela zokumcindezela .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare