UMASIPALA WETHEKU UMEMEZELE UKUTHI KUVULWE AMABHISHI ANGU-19 KANTI AMABHISHI ANGU-4 ASAVAALIWE OKWESIKHASHANA

OWAMI THABETHE

NgoLwesithathu mhlaka 27 Novemba,uMasipala weTheku umemezele ukuthi kuvulwe amabhishi angu-19 kuwo wonke umasipala wawo kanti amabhishi angu-4 asavaliwe isikhashana.

Le miphumela imenyezelwe ngesikhathi iDolobha lethula umkhankaso woHlelo Lokuphathwa Kwesizini Yamaholide.UMkhandlu weTheku uthe selikulungele ukwamukela izinkulungwane zezivakashi ezizobe zitheleka kuleli dolobha ngalesi sikhathi samaholidi ka ncibijane.Izivakashi ezilinganiselwa ku-1.3 million okulindeleke ukuthi zifudukele ogwini lwase-KZN ngalesi sikhathi samaholidi.

UMkhandlu uthe uzoqapha futhi uhlole izinga lamanzi asogwini masonto onke ukuze kuqinisekiswe ukuthi izakhamuzi kanye nezivakashi ziphephileImiphumela yakamuva yekhwalithi yamanzi olwandle ikhomba ukuthi amabhishi angu-19 aseThekwini avuliwe kanti amabhishi amane avalwe okwesikhashana njengophenyo lokubheka umsuka wokungcola.

“Sifuna ukukhombisa umhlaba wonke ukuthi iTheku linamabhizinisi avulelekile nokuthi ngempela sisalokhu siyinkundla yokudlala yase-Afrika,” kusho iMeya yeDolobha uCyril Xaba.IMeya yeTheku ithe kuzobonakala amaphoyisa amaningi e-SAPS, Metro, Road Traffic Inspectorate nezinkampani ezizimele zonogada, kuzo zonke izindawo zokuvakasha nezindawo azihlonze njengezindawo ezinobugebengu.

Nakuba iTheku libhekene nezinselelo eziqhubekayo zokungabibikho kwezindlu, Umkhandlu uthe kwenziwa konke okusemandleni ukugcina abantu abahlala emigwaqeni ezindaweni ezintathu zokukhosela ezisebenza kuleli dolobha okuyiBlock AK, Jewish Club kanye neStrollers.

Lokhu kuwukungenelela okubalulekile ngoba abanye, ikakhulukazi labo asebeyizigqila zezidakamizwa, bagcina sebengena ebugebengwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *