![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2025/01/image-4.png)
SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku usekhiphe isimemezelo sokumisa ukudotshwa kofishi kanye nezinye izinto eMngeni Estuary eseBlue Lagoon eThekwini.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba ngoLwesithathu olwedlule uMasipala weTheku uthe lesinqumo sokumiswa kokudoba sihambisana nesaziso esikhishwe uMnyango wezaMahlathi, ezokuDoba kanye nezemvelo.
Lesinqumo siza emva kokuthi kube nokuchitheka kwendle eduze nomngenela womfula uMngeni, isinqumo somnyango sihambisana nesigaba 59 (1) seNational Environmental Management: IntergratedCoastal Management Act no 24 ka 2008.
UMkhandlu uthi uphezu kophenyo olunzulu lokubheka umsuka wokuputshuka kwalokungcola kwendle okwenzeke kuMngeni Estuary.
“Uma sekuphele uphenyo uMkhandlu uyobe usuthatha izinyathelo zokulungisa umonakalo owenzekile kwingqalasizinda okuyiwo odale kungene ukungcola kuMngeni Estauary.” kusho aboMkhandlu.
Ngokusho kukaMasipala uthi izinto ezimqoka ezenza ukuthi kube nalomonakalo wokungcola ikakhulu okuphathelene nemngenela yemifula kanye nama bhishi kudalwa ukuntshotsha , kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda okuhlanganisa nokuxhunywa ngokungemthetho kohlelo lwendle.
UMkhandlu wenza konke okusemandleni ukulungisa ingqalasizinda eyonakele nengase ibeke engcupheni imvelo, kanti unxusa umphakathi ukuthi ubike ngezigamelo zokucekelwa phansi nokwebiwa kwayo emaphoyiseni ukuze izigangi zibanjwe.
Siphetha isitatimende sithi uMasipala unxusa abadobi ukuthi bahloniphe umgomo obekiwe kuMngeni Estuary kanye nase Blue Lagoon kuze kube nesimemezelo esisha.SANews.gov.za