Ubhekana kanjani nesimo sokufeyila umatikuletsheni?

Ukufeyila umatikuletsheni kungakwenza uzizwe sengathi ufike ekugcineni komhlaba, kodwa akunjalo ngoba kuyithuba eliyingqayizivele lokufundisisa, lokuzikhulisa ukuze uzobuya usunamandla ngokuphindiwe kunakuqala. Abantu abaningi kwabaphumelele nabo bake babhekana nobunzima bokwahluleka esikoleni kodwa abangaphela amandla kepha basebenzisa khona ukwahluleka ukuze babe ngcono. Kanti nawe ungenza okufanayo lapho ubhekene nalesimo okokuqala.

Kumele uqonde ukuthi ukufeyila kuyingxenye yempilo. Wonke umuntu uyabhekana nezinkinga empilweni, kanti ukwahluleka akukuchazi ukuthi ungubani. Kuhle ukuzizwa udangele, kodwa ungagxili kulelo phutha. Sebenzisa khona njengesitebhisi sakho sokukhwela esicongweni ufeze wonke amaphupho akho. khuluma ngalesimo ungafeli ngaphakathi: Indlela ozizwa ngayo yixoxele umuntu omethembayo, kungabe umzali, uthisha kumbe umngani. bangakusiza ukwazi ukudlulisa kumbe ukudambisa imizwa yakho ukwazi ukuqhamuka nesu lokuqhubekela phambili. Khumbula ukucela usizo kubonakalisa amandla onawo hhayi ubuthaka onabo. Zibekele izifiso ezintsha: Uma sewuyazi imbangela yokufeyila kwakho, zibekele izilokotho ezingafezeka zonyaka wakho omusha esikoleni. Hlukanisa izilokotho zakho zibe ncane ukuze kuzoba lula ukuzifezekisa. Isibonelo, Qeda umsebenzi wakho wasekhaya nsuku zonke, cela usizo uma kukhona lapho ungaqondi kahle khona, bese utadisha kancane nsuku zonke esikhundleni sokugcina okwesikhashana. Zitholele indlela elungele wena yokutadisha: Abanye abantu bafunda kalula ngezinto abazibonayo, ngenkathi abanye bencamela ukufunda phansi nokulalela. Nawe zitholele okuhambisana kancono nawe. Zinakekele: Umqondo ophilile udinga umzimba ophilile, thola ukulala okwenele, udle kahle, uzivocavoce njalonjalo. lezinguquko ezincane zingakusiza ukwazi ukugxila uphinde uzizwe uvuselelekile usuku nosuku. Kwenye inkathi kulula ukwephuka umoya kodwa kufanele uzikhumbuze izilokotho zakho nokuthi kungani usebenza kanzima. Bungaza impumelelo yakho noma incane kangakanani, njengokuphasa itesti yakho kumbe ukuqeda umsebenzi wasekhaya ngesikhathi. Zimbandakanye nabantu abaxhasanayo: Chitha iskhathi nabantu abakwaziyo ukukugqugquzela ukuze uzokwenza kahle. balekelana nabantu abangayiboni into enhle kuwe bangase bakubuyisele emuva. ukufeyila esikoleni kunzima, kodwa akuchazi ukuthi uyisehluleki. yisikhisi nje endleleni yakho eya empumelelweni okumele usidlule. ngokusebenza kanzima, ukuhlala ulangazelele impumelelo kanye nokungesabi ukucela usizo lapho uzizwa sengathi uyaludinga, Ungazijikisa izinto uzuze izinto ezinkulu empilweni. Ungalokothi uphele amamdla emaphusheni akho uphinde ukhumbule, ukuthi leli yithuba lakho lokuzibonakalisa ukuthi unamandla kangakanani nokuthi uzinikela kangakanani. IKUSASA LISAQHAKAZILE- KUMELE NJE UYILWELE INTO OYIFUNAYO. Nami ngike ngawa empilweni kodwa ukuwa kwanginika ithuba lokubona ukuthi isikhiye salapho ngibabele khona sesisele phansi ngakwazi ukusicosha, kuyokusiza ngani ukugijimela ukuyofika kanti isikhiye salapho uya khona sisele emuva? Thatha iskhathi sakho ubayeke bakushiye kodwa ugabe ngokuthi lapho uya khona uzofika ngoba isikhiye sakhona siphethwe nguwe.

Ithunyelwe ngu-Wonder Ngcobo

An Entrepreneur, radio personality, Motivatioanal speaker and chairperson of Wonder-zone foundation.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *