Ukuqasha idiliza kweqembu loMkhonto weSizwe Party sekudale okukhulu ukuyingabaza kubalandeli abasemagatsheni.

WONDER NGCOBO

Ukuqashanjalo iphinde ixoshe kwe qembu lezombusazwe eliholwa owayengumengameli wakuleli uMnu. Jacob Zuma sekudale okukhulu ukungabaza kubantu abayivotela okhethweni lwango mhlaka 29 ku May wonyaka ka-2024 nalapho iqembu loMkhonto Wesizwe laphumelela ngamalengiso esifundazweni ikwaZulu Natal liqumba phansi amaqembu akade kwasa ebusa ngokushintshana kulesifundazwe okuyi-ANC ne IFP, okwaba wumthelela wokuthi iqembu likakhongolose lilahlekelwe ukubusa isifundazwe ngokuzimela nokwenza uMengameli uCyril Ramaphosa enxuse amaqembu aphikisayo ukuba abambane ngezandla akhe uhulumeni wobambiswano namhlanje obizwa nge GNU.

Lokhu kuza emva kokuthi iqembu loMkhonto Wesizwe laduba umcimbi wokuhlaliswa kwephalamende lagodla amalunga alo okwakumele ayofungiswa kanye namanye nokwagcina ngokuthi afungiswe ekugcineni esefungiswa wodwa, nakhona esebuza ngezikhundla ezingabanjwe umuntu kodwa ebe ekhona engabanikazi bazo. Lokho nje kukodwa kwabadidisa abantu abaningi bagcina bengasaqondi ukuthi iyini inhloso yoMkhonto Wesizwe, lapho abanye bethi bekuwukuphazamisa iqemdu le-ANC nje kuphela, kukhona nabanye abacabanga ukuthi uMnuz Jacob Zuma bekuyindlela yokuzibonakalisa ukuthi limdinga kangakanani iqembu le ANC njengalokhu wake washo phambilini ukuthi yena uyohlale eyi-ANC.

Okufike kwadida abantu kakhulu ukuthatha kwasani oluqhamuka kwamanye amaqembu kweqembu loMkhonto Wesizwe, okwenza kubukeke sengathi iqembu kalinalo icebo lokwakha njengoba likholelwa ekwakheni ngamalunga amanye amaqembu okunokukholelwa kumalunga awe neqembu evuka nalo ngenkathi lisungulwa lingenalutho abantu abasiza iqembu ekwakhiweni kwamagatsha okuyinto enzima nebaluleke kakhulu emaqenjini ezepolitiki. Kwaqala ukusolisa mhla kujikelana owayengumsunguli weqembu ngokusemthethweni okungu Mnu. Jabulani Khumalo abafakana ezinkantolo bebanga ubuholi beqembu. Emva kwalokho aliphindanga labheka emuva iqembu njengoba selixoshe inqwaba yabantu kuhlanganisa nesishoshovu somkhankaso we #feesmustfall nabanye abaningi kwaphinde kwalandwa inqwaba ebisemaqenjini athile ikakhulukazi iqembu le Economic Freedom Fighters eholwa ngu Mnu. Julius Malema lona elilahlekelwe amalunga amaningi aqashwe yiqembu loMkhonto Wesizwe, kanye nalowo owayeyisikhulu se-ANC uMnu. Willies Mchunu. Muva nje iqembu lomkhonto weSizwe lihlabane noDali Mpofu naye obeyilunga lephalamende le-EFF.

Njengamanje abantu abaningi sebenokudonsa izinyawo ngenxa yokusola ukuthi akukho iqembu elikubekele bona ngaphandle kokugijima uma sekumele kugijinywe kodwa uma kunezikhundla kulandwe abantu kwamanye amaqembu bekhona bona, Unobhala Jikelele weqembu le-African National Congress uFIkile Mbalula uphinde wafaka usawoti esilondeni kumalunga oMkhonto Wesizwe angakazazi ukuthi ayiliphi ngenkulumo yakhe ayenza esemcimbini weqembu le-ANC wakamuva obuse Western Cape, lapho ethe uZuma usephelelwe wushatini uyikhehla elingazazi ukuthi lifunani ngaphandle kokuthanda ukubukwa nje.

Njengamanje wonke amaqembu ezepolitiki abheke okhethweni lwasekhaya oluzokuba ngonyaka ka-2026 ezinyangeni ezimbalwa kusuka manje, amanye aseqalile amalungiselelo okukhankasa kanti amanye awakaqali. umbuzo uthi ngabe abantu basazophuma ngobuningi yini ukuyokhankasela iqembu loMkhonto Wesizwe njengoba kumanje isifundazwe siphethwe yiqembu le-Inkatha Freedom Party njengoba yalala isibili okhethweni lukazwelonke lonyaka ka-2024, ngaleyondlela kwaba yilo eliphatha isifundazwe nakuba siwinwe ngamalengiso iqembu loMkhonto Wesizwe ngenxa yokuhoxa ekubeni yingxenye yokuhlaliswa kwephalamende. Lokho kwabanye bakubize ngokudayisa ngomsebenzi owasetshenzelwa wajulukelwa abantu abasemazingeni aphansi emagatsheni okumanje izikhulu sezikhohliwe ngabo.

Njengamanje iqembu le-ANC lizishaya isifuba ngokuthi lizowabuyisa amavoti alahleke ngokhetho lonyaka owedlule, bakholwa ukuthi bafundile emaphutheni abo njengamanje nabantu sebexolile ngokwenzeke esikhathini esedlule sebebheke okusha, esingazi ke ukuthi kuyiqiniso yini noma zifiso nje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *