IB4i Academy ngokubambisana noMiss South Africa nethuba lokucija imiphakathi yabakhubazekile ngamakhono

SHEILA MHLONGO

UMiss South Africa uNksz. Mia le Roux ngokubambisana  nabe B4i Academy sebememezele uhlelo olwaziwa nge B4i Academy initiative abaqonde ngalo ukuthuthukisa nokucija imiphakathi ekhubazekile ngamakhono.

Loluhlelo luhambisana nomkhankaso we Le Roux’s advocacy okuyi Mia Le Roux Movement, nokuyinkundla ebhekela abakhubazekile ngokungezwa emadlebeni eNingizimu Afrika abangu- 4 million, okuhambisana nokuqhuba umkhankaso wokuqwashisa mayelana lonke uhlelo lokushiywa ngaphandle.

Loluhlelo olwenziwa ngokubambisana ne B4i (a SETA and QCTO) okuwuqeqesho  olugunyaziwe (accredited) luhlose ukwandisa amathuba emfundo kubantu abakhubazekile kuyo yonke iNingizimu Afrika, ngokuthi inikezele ngohlelo lwama Learnership lokuqeqeshwa kwezamakhono.

Ngokwesekwa uhlelo luka LeRoux loluqeqesho olusezingeni nolutholakala kalula, luqinisekisa ukuthi labo abakhubazekile, ikakhulukazi labo abangezwa emadlebeni, bathola uqeqesho oluzobenza bakwazi ukuphumelela kwezomnotho.

“Ngiyajabula kakhulu ukuba ingxenye  ye-B4i Academy ukwenza umehluko ezimpilweni zalabo abavame ukuthola ukukhishelwa ngaphandle, Lemizamo iyigxathu elibheke ekutheni sibe nomphakathi ohlangene ndawonye kungakhathaleki noma umuntu ukhubazekile noma cha, ukuze bathole amathuba angabenza nabo baphumelele.” kusho u Le Roux.

“Siyathembisa ukushintsha izimpilo, sinikeze indlela enesithunzi, ukuzimela kanye nokubandakanyeka emnothweni kulabo abavaleleke amathuba kwezemfundo kanye nezokuqashwa. Ngokubambisana sihlose ukuqeda yonke imigoqo, senze nabakhubazekile bakwazi ukubamba iqhaza emphakathini.”

“Uhlelo lokuqala lwaba ngonyaka ophelile enyangeni ka-Okthoba olwakwazi ukubandakanya abafundi ababalelwa ku-120, lokhu kwenzeka ngenxa yabe Group Elephant.” Kusho  uYolanda Venter oyi CEO kwi B4i Academy.

 Loluhlelo lwethulwa ngokusemthetweni njengoba kuqala unyaka ka-2025, ngomhlaka 1 Febhuwari kuyaqala ukufakwa kwezicelo nokuyoze kuvalwe ngomhlaka 28 Febhuwari 2025 ngehora lesithupha ntambama. Izicelo zingafakwa kwi-website kaMiss South Africa, neye B4i Projects, noma kwi Miss South Africa App kanye nasezinkundleni zokuxhumana zakhe uMiss South Africa. Imibuzo ingathunyelwa kwi-Email: info@b4i-academy.co.za

Okudingekayo kulabo abafisa ukufaka izicelo yilokhu okulandelayo:

  • A motivation letter as to why they should be chosen for a learnership
  • Proof of South African citizenship
  • Aged between 18 and 45
  • Must have completed Grade 10
  • Profiency in reading and writing in English
  • A doctor’s letter confirming the applicant’s disability

Bible abafundi abayoqeda loluhlelo bayothola isitifiketi se NQF 2-5 esi accredited futhi bayokwazi ukuqashwa ezimbonini ezahlukene kusukela ezingeni le business administration kuya kwi sales nokunye

Follow the journey using the hashtag: #B4iMiaMovement.

 
Ungavakashela kwi:

  • https://www.misssa.co.za
  • Facebook: https://www.facebook.com/MissSouthAfricaOfficial
  • Twitter: @Official_MissSA
  • Instagram: @official_misssa
  • Tik-Tok: @official_misssa
  • YouTube: https://www.youtube.com/c/MissSouthAfricaOfficial

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *