MFU. KATLEGO NARE
Ngiyabingelela bantu bakithi esizweni esinsundu . Nasi iseluleko ngisibhekise kubo bonke abazali. Amazwi akho ewodwa awayakhi ingane kodwa impilo yakho eba yisibonelo namazwi akho kungayakha. Iphutha esilenzayo singabazali ukwethemba amazwi bese singayinaki indlela esiphila ngayo phambi kwezingane kanti yiyona enobungozi. Indlela yokuphila iyasiqeda isithunzi somzali enganeni zakhe athi noma esekhuza zibheda zingabe zisamlalela .
Amazwi ewodwa ungakhuluma uze uyoguga uma ungayiphili leyonto obafundisa yona angeke bayilandele. Yiba yisibonelo ezinganeni zakho ngokuyiphila lempilo obafundisa yona ngamazwi, mayingapheleli emazwini mayingene ekwenzeni .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare

