Abafundi base King Shaka High School bavakashelwe yizinhlangano ezahlukene

THAMI SHESHANE
I King Shaka High School, yaku Ward 80 nokuyiyo kuphela I High School kule Ward eseMlazi kwa E, ivakashelwe yizinhlangano ezahlukene ngoMgqibelo ngomhlaka 27 Meyi, ngenhloso yokucija abafundi bakwa Grade 11 no 12 ukuthi balungiselele ukuyofunda ezikhungweni eziphakeme baphinde bacije namakhono abo.
Loluhlelo luyizilokotho zembokodo encane yasendaweni u Vicky Chili, Renne Ntshingila abahlala kuyo lewadi kanye no Kogi Govender wakwa BMW.
“Umsebenzi engiwenzayo akuwona lo engawufundela, ngakho nani uma ngabe nigcina ningatholanga izikhala, ningadikibali.” Kusho uNksz Ntshingila kubafundi.
Loluhlelo luphinde lwaba ngolunye lwezinhlelo zikasomabhizinisi osemncane u Nksz Vicky Chili zokunikela ngesikhathi sakhe ekukhucululeni leli lokishi njengoba enebhizinisi le Lokshion Bioskope lapho ebukisa khona abantu emalokishini umbukiso bhanyabhanya ezindaweni zabo. U Nksz Chili ubuye asize abafundi bakwamatikuletsheni ababhalisele nango hlelo lwa online nge data lakhe mahhala.
“Uma ngabe ufisa ukubhalisa online, ungaxhumana nami, ngikubhalisele. Kungumqondo ophusile ukubhalisa kusanesikhathi ngoba ingozi yokubhalisa sekuzovalwa kungenza ugcine ungasasitholanga isikhala uphinde uzohlala ekhaya.” Kusho u Vicky kubafundi abebegcwele kanye nezicukuthwane ebezikhona.
Uhlelo beluphethwe ngu Nkk Sibisi owaziwa ngo Slenda kanti uke waba nguthisha kulesisikole iminyaka ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi. Uhlelo luvulwe nguMfundisi Nzimande ophinde wakhuthaza abafundi ukuthi basebenze kanzima balungise amakhaya.
“Uma umuntu ekucwasa, ekudelela nangekini, ubothi ‘kulungile ngilinde ngifunde’, ningadikibali. Yazini bafundi baseShaka ukuthi nina niqinile futhi nihlakaniphile” kugcizelela uMfundisi.
Phakathi kwezihambeli zomcimbi bekukhona nomlingisi woZalo kanti kunandise u Crazy King ne Imbongi Ye Reality. U Crazy King naye uthathe lelithuba waxwayisa abafundi ngokubaluleka kwemfundo. Nayo lensizwa igama layo kungu Thobelani Dlamini yake yaba ngumfundi wakhona e King Shaka.
Bekukhona izikhulumi ezisuka kwa Motor Industry Staff Association, abakwa BMW, yi Ekasi Bioskope, Mutual Assurance, SAPS, Protec Driving School kanye nabakhulumela intsha kuyo leWard. Abafundi bakhombise ukulithakasela lelithuba kanti I King Shaka High ibhekiwe imiphumela yayo kulonyaka njengoba yenze kahle nangophelile.
Abakwa BMW banxenxe abafundi ukuthi baqalaze nakwimboni yezimoto. Baveze ukuthi bakhokhela abafundi imali engangesigidi ngonyaka ukubaqeqesha baphinde babafundise