SHEILA MHLONGO
Owabe enguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo, KwaZulu-Natali, uMnu Mike Mabuyakhulu usengokhululekile emva kokuthi inkantolo eyaziwa nge Durban Commercial Crimes Court imthole emsulwa ngamacala abebekwe wona okukhwabanisa,inkohlakalo kanye nawokushintshanisa ngemali ngokungekho emthethweni.
UMabuyakhulu ubevele enkantolo ngoLwesithathu lomhlaka 31 kuMeyi lapho inkantolo imthole khona emsulwa kuwona wonke amacala abebekwe wona. Kanti ubekade engaphandle nge bail yesamba sika R5000 ekanye nalowo owabe enguMqondisi Jikelele kuwo uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho uMnu Desmond Goling.
Ngokwenkantolo uMabuyakhulu kanye nabanye abasolwa kulelicala kuthiwa bakhwabanisa isamba semali engu R28,million okwakumele ikhokhele izindlelko zokwenziwa komcimbi we North Sea Jazz Festival ka 2012, nakho okubikwa ukuthi akwenzekanga kodwa uMabuyakhulu nabambisene nabo kulelicala basolwa ngokuthi bahlukaniselana imali kodwa dololo umcimbi.
Emva kwezindaba zokutholakala emsulwa uMabuyakhulu kulelicala uzwakalise ukuthi usezobuyela emsebenzini weqembu leANC ukuze akwazi ukubamba iqhaza emkhankasweni wokhetho luka 2024, kanti isitatimende esithunyelwe abezindaba siveza ukuthi impela yena ubelokhu eshilo ukuthi umsulwa kulelicala, okuyingakho wazicelela yena futhi ukuthi abuyiselwe eceleni(step aside) kuze kuba inkantolo imthola emsulwa.
Owabe enguNgqongqoshe KwaZulu-Natali utholakale emsulwa emacaleni enkohlakalo

