I-LIFT ibhanoyi elinikeza abagibeliuhambo olusezingeni ngamananiaphansi

Zizwele ubumnandi bokundiza ngebhanoyi lakwaLift elinezihlalo ezintofontofo, linezikhala ezenza uhambe ngokukhululeka ngaphakathi (Specious and comfortable),
kanti noma selindiza phezulu uzizwa unethezekile kuze kuba lihlala phansi lithi cabababa. Linomshayeli
webhanoyi (Pilot)kanye nethimba lakhe lama Air Hostess anobungani bamukela ngisho izinja uqobo abazixwayi.
I-LIFT isungulwe yi-Global Aviation, ibhizinisi lezindiza laseNingizimu Afrika
ngokubambisana phakathi kukaGidon Novick (umsunguli we-Kulula, i-LCC yaseNingizimu
Afrika), kanye nomphathi we-Uber wangaphambili uJonathan Ayache ngesikhathi
sobhubhane lwe Covid-19 eNingizimu Afrika Ukufika kwalolububhane kwenza babone
ukuthi amamodeli ezindiza amadala ayesephelelwa yisikhathi babona kungcono basungule
lendiza benzela ukuthi kube nendiza ezohlezi itholakala futhi ezokwanelisa wonke umuntu.
Lenkampani yezindiza igxile kumakhasimende futhi inika abagibeli uhambo oluhle
ngamanani aphansi ku Economy Cabin yabo kanti i Premium Cabin yabo yenzelwe abantu
nabosomabhizinisi abahlezi behamba nabafuna okuthe xaxa. Njengamanje isebenza ngo
“Gold Triangle” phakathi kwe Goli neTheku. Mayelana nezipesheli bazofaka ezinkundleni
zabo zokuxhumana.
Baphinde basebenzise ubuchwepheshe babo be-LIFT Wallet ukunikeza izaphulelo
kumakhasimende athenga ama-Wallet credit top-ups ngaphambi kwesikhathi bese
besebenzisa wona ukubhukha izindiza zabo.

Okwamanje amakhasimende angathola isaphulelo esifinyelela ku-10% ngokuthenga i-Wallet
bundle kusanesikhathi. Uma uthenge le bundle ungabhukhela indiza noma ngubani, hhayi
umuntu othenge i bundle kuphela kanti futhi kukhona nebhonasi eyengeziwe ngokushesha
ubhukhe kanti uthola nezaphulelo futhi ungakhansela noma yinini uma kukhona isimo
esivelayo.
I-LIFT yinkampani yezindiza yaseNingizimu Afrika enomehluko; ibeka ukulawula
ezandleni zabagibeli, ibanikeza ithuba lokushintsha umqondo wabo kuze kube amahora
angama-24 kusuka ku-take-off. (Futhi kuze kube ihora lokuqala ngaphambili kubagibeli be-
Premium). Ungakhansela uhambo lwakho ngale kwemali eyengeziwe.
Bazimisele ngokusebenzisana nabanye ngenhloso yokuletha injabulo kubagibeli.
Indiza idlala umculo onkeneza kamnandi ngesikhathi indizela emafini. Sebeke basebenzisana
nezinkampani zase Ningizimu Afrika ezifana no Grumpy Snacks, Vida e Caffe no Veldskoen
ukwenza uhambo lube ngolukhethekile kanti i Menu yabo yahlelwa ngu Shawn Godfrey
owaphumelela kuhlelo lwe MasterChef SA kanti lendiza yamukela nabagibeli abahamba
nezinja zabo
Bathi uhlelo lwabo lwezindiza lwenza kubelula ukumelana nokuguquguquka kwe industry
nokusho ukuthi abagibeli akumele babe novalo lokuthi kukhona okungabakhipha endimeni
balahlekelwe yizimali zabo.
“Sibheke kakhulu ekwakheni uhambo nathi lube nomehluko kunamanye amabhanoyi. Sihlezi
sibheka izindlela ezintsha zokwenza uhambo lwabagibeli bethu luyintokozo – kusukela kwi
coffee lethu lamahhala ebhanoyini kuya emculweni kanye nokwamukela kwethu izinja.”
Kuphetha isikhulu se LIFT.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.