IPolitiki ingakumangaza

Impela ipolitiki ingakumangaza, futhi sengiyabona ukuthi azikho izitha kulendima yezepolitiki, ngoba ungaze wethuke ukuthi kuxatshenwe kanti lutho ke kudlalwa umdlalo nje.

Ngibhala lapha nje ngimangele ngoba lowo owabe eyiPhini leMeya kuMasipala weTheku uMnu Philani Mavundla onguMengameli we  Abantu Batho Congress (ABC) usethole isikhundla sokuba iMeya kuMasipala waseMvoti emva kokuba ngonyaka ophelile esula esikhundleni sokuba iPhini leMeya yeTheku.

Lesikhundla uMavundla wasithola ngenxa yeqhaza lakhe lokunxenxa amaqembu amancane ukuthi avote kanye neqembu leANC elalidinga ukwesekwa ukuze liqhubeke ekuholeni uMkhandlu weTheku.

Kusenjalo uMavundla kuhambe waba nezikhawu zokungatholani kahle neMeya yetheku mayelana nezinto ezithile njengoba wayephinde abe uSihlalo weNgqalasizinda ngaphansi koMkhandlu weTheku kodwa nje nalapho wagcina esulile ekubeni ikhansela kanye nokuba iPhini leMeya emva kokuba futhi kwaba nokungaboni kahle phakathi kwakhe neqembu le ANC.

Hhayi ke ezakamuva zithi uMavundla uyiMeya yaseMvoti nje ngoba ugqashule ubudlelwane abenabo ne IFP maqede wazihlanganisa neqembu le ANC elinezihlalo ezingu-9, kuthi IFP zibe u-10 kanti ezeqembu lakhu zingu 7 njengoba egidlabezwe ngesikhundla sobuMeya ngaphansi kweqembu lakhe iABC kanti noSomlomo naye ungaphansi kwayo.