NKOSIE NTOMBELA
Isizwe sakwa Mpumuza ngomhlaka 01 August 2023 ngoLwesibili besiphume ngothi lwaso siyokweseka iNkosi uKhethokuhle Zondi esolwa ngokuvimbela abebeqala ukwakha imizi yabo ezizeni abazisikelwe wu Mnumzane Zwelinjani Magubane obeyinduna eyadilizwa ekubhekeni isigodi sakwa Mpumuza.INkosi itshele abezindaba ukuthi ngo 2020 babeka umthetho wokuthi indawo kungabekwa muntu futhi unalo uhla lomhlangano okwavunyelwana ngawo esigodlweni , yathi kuyayethusa uma isibekwa icala iNduna eyasuswa esikhundleni ngonyaka odlule.
Kwisithangami sabezindaba abekukhona neNtaheli ye KZN Namuhla usihlalo wamaKhosi ase Mgungundlovu uSbongiseni Gcumisa uhlabe ikhwelo lokubumbano lapho ekhale ngokuthi bengamaKhosi bayayeseka iNkosi yakwa Mpumuza kulesimo ebhekene naso ngokumangalelwa induna nalapho ecele izakhamuzi zakwa Mpumuza zibambisane kuxazululwe izinkinga njengoba benezinkinga bengamakhosi kuphetha uSihlalo wamakhosi uSbongiseni Gcumisa.
Khonamanjalo nomkhulumeli wesizwe sakwa Zondi uNkosenhle Zondi ubonge izakhamuzi ezidele wonke umsebenzi nezinto obuzenza bazoseka iNkosi “Siyindlukulu siyathoba kakhulu kwisizwe sakwa Mpumuza ngokuba kanye nathi siphinde sibonge nabaxhase ngezinto zokuthutha nazo zonke izinhlaka ebezikhona zizocoshela lodaba esibhekene nalo eNdlunkulu kaBhekizizwe kuphetha uNkosenhle Zondi.
Icala elibekwe iNkosi uKhethokuhle Zondi lihlehliselwe umhlaka 04 September 2023 eNkantolo Yesifunda eMgungundlovu okuwumbiko olethwe ithimba labameli ngesikhathi iNkosi yakwa Mpumuza isakhulumanabezindaba.


