Izogujwa ngokwehlukile inyanga yamaSiko eMgababa

Isithombe :Ongamele izinhlelo kwi African Boujee uRefiloe Japi

NKOSIE NTOMBELA

Inhlangano eholwa umuntu omusha i African Boujee ithi izoshaya ngolunye unyawo emcimbini wayo womgubho wamasiko  kulonyaka.

Engxoxweni ekhethekile ebikhona phakathi kwesikhulu esengamele izinhlelo kwinhlangano I African Boujee u Nksz Refiloe Japi ekhuluma  neNtatheli ye KZN Namuhla Newspaper unabe kabanzi ngezinhlelo wathi konke bakuhlele ezinyangeni ezedlule ngoba ukuhlela umcimbi onjengalona ohlanganisa abantu kudingeka isikhathi esanele.

 “okumqoka I African Boujee yize kwinhlangano engenzi nzuzo ephethwe intsha yaseMgababa kodwa ayigcini ngokusebenza eMgababa ibuye isize abantu abasha abaziqalela okusha kakhulukazi okuthinta ukuthuthukisa umuntu omnyama ikona esilekelelayo sikusize ekukuhlanganiseni nabemnyango okuyibo abafike bazohlonza umsebenzi osuke uwenza,okunye sizobe singenisa mahhala njengoba sizogubha losuku lwamasiko sibeke nomkomelo oyowinwa amaqembu endawo azobamba iqhaza ngalolusuku” kunaba uRefiloe Japi.

Okuhlalukile i African Boujee iqhakambisa amasiko nanhlalakahle emphakathini kakhulukazi ezindaweni zasemakhaya kunaba kabanzi umholi walenhlangano odalulule nokuthi bakubeka phambili ubuholi obukhona endaweni njengoba ethole izibusiso kubo beyinhlangano  njengoba eseke wahlela nakwezinye indawo imibuthando enjengalena yokubungaza amasiko.Isikhulu se African Boujee siqinsekisile ukuthi ngezi 30 ku September 2023 kuzoba noMgubho omkhulu ozibanjelwa eMnini Thusong Centre  Hall lapho kobekushiyelana inkundla amaciko endawo naseqopheleni eliphezulu azobe ezoseka lolusuku asebelinde lufike njengoba bekade baluhlela nethimba lakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *