NKOSIE NTOMBELA
Umculi kaMaskandi uSphesihle Mthembu odume ngelika Bhunu Leplazi ugile ezibukwayo kumcimbi omkhulu obubanjelwe eThekwini eBat Centre we KZN Namuhla Newspaper obizwa nge KZN Namuhla Awards 2023 ebigubha neminyaka engu 25 yabakhona.
Ibhunu leplazi likhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla emva kokuqoqa zonke indondo abeqokwe kuzo unabe kabanzi indlela asebenze ngayo nabalandeli bakhe
“Engingakusho ngizoqala ngibonge kwi KZN Namuhla Newspaper ngalama awards,ngibonge nje ngokunqoba empeleni bengakulindele lokhu ngibonga abalandeli bami kakhulu nomndeni osukume kakhulu wangixhasa ngaze nganqoba bngingazi ukuthi kanti ngithandwa kangaka njengoba nginqoba nakwi Afro Pop okuwuhlobo lomculo engisanda kuwukhipha EP yayo kuyangethusa loku masenginqoba nendondo yawo. Ngithanda ukufisela ne KZN Namuhla Newspaper ukukhula idlondlobale
Ibhunu Leplazi liqoqe izindondo kumaqoqo okubalwa kuwo i Best Afro Pop New Comer, Best Maskandi Group,Maskandi Song of The Year kanye be Best Maskandi Male.
Khona manjalo kukhonye nowesfazane ozalwa umculi kaMaskandi uNjemboqo osadlula emhlabeni wase Eastern Cape uBalungile kaNjemboqo ohlomule indondo ye Maskandi Best Female.


