IMeya yeTheku ichaze kabanzi ngezinhlelo zokubonelela izakhamizi

SHEILA MHLONGO

IMeya kaMasipala weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda ibisemsakazweni Ukhozi FM lapho khona ikhulume ngezindaba ezithinta izakhamizi, yachaza kabanzi ngokuhlinzekwa kwezidingo, ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kanjalo nezinhlelo zikaMasipala zokudambisa umthelela wokucishwa kukagesi emabhizinisini nakwizakhamizi.

IMeya ithinte lawa maphuzu alandelayo:

•Njengendlela yokwethula umthwalo emakhasimendeni abhekene nezinkinga zemali nezinhlangano ezingenzi nzuzo (NPOs), okubalwa kuzona amakhaya abantu abadala, amasonto nezinye izinhlangano, uMasipala usubuyise uhlelo lwawo losizo lwezikweletu, iDebt Relief Programme, oluqale ngomhla ka-1 Okthoba 2023.

•Imizamo kaMasipala weTheku yokulwa nokubhebhetheka kwegciwane lesandulela ngculazi nengculazi ishayelwe ihlombe engqungqutheleni iFast Track Cities Conference ebise-Amsterdam ngomhla ka-24 Septhemba. UMasipala uhlonishwe ngendondo ngemizamo oyenzayo ukubhekana neHIV/AIDS ngokuqhuba izinhlelo ezigxile ekunqandeni ukutheleleka kwabantu abebengakabi naleli gciwane.

•UMasipala ube neNyanga Yamagugu eyimpumelelo njengoba izinkulungwane zezivakashi zitheleke eThekwini. Okujabulisayo wukuthi izivakashi zifike zathola amabhishi ethu amaningi esebenza futhi ephephile ukuba kungabhukudwa kuwona. Lokhu kungenxa yomsebenzi oncomekayo amathimba ethu alokhu eqhubekile nokuwenza ukulungisa imishini yokumpompa ezindaweni ezigudle ulwandle.

•Nakuba amanye amadolobha ecishelwa ugesi amahora amane, uMasipala weTheku wona unohlelo lokucishwa kukagesi olungamahora amabili ngenxa yobuchwepheshe esibusebenzisayo nobubanzi bohlelo lwethu lokuphakela ugesi.

UDABA LUCASHUNWE – EKHASINI LIKA FACEBOOK KAMASIPALA WETHEKU

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *