UMasipala weTheku uzotshala iMetro Police emalokishini ukulwisana nobugebengu
UMasipala weTheku umemezele ukuthi uzotshala Metro Police emalokishini ukuze asebenzisane neCommunity Policing Forum (CPFs) kanye neSAPS ekulweni nobugebengu.
UMasipala weTheku umemezele ukuthi uzotshala Metro Police emalokishini ukuze asebenzisane neCommunity Policing Forum (CPFs) kanye neSAPS ekulweni nobugebengu.
I-Adopt-a-School ibonga umlingani onikelayo i-Sasria inikeze isikole iHlahlindlela Secondary School KwaNgcolosi, eHillcrest indlu yangasese ebidingeka,okuwukuthuthukiswa kwengqalasizinda izoshitsha nezimpilo zabantu abangu-1291.
Ongoti bamakhambi iPlanned Parenthood bahlela ukwakha amaphilisi okuhlela umndeni azoqondana ngqo namadoda. Lokhu kuzobe kuyimizamo yokusiza amadoda ukuthi nawo akwazi ukuhlela imindeni.
Maduze uhulumeni uzotshala amaphoyisa omgwaqo amasha angu-250 kuzwelonke emigwaqeni ukwandisa isibalo njengoba umsebenzi wokulwa nokuhlonishwa kwemithetho yomgwaqo uqhubeka.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uRonald Lamola, uthi izinhlaka zokugcinwa komthetho zizobathathela izinyathelo labo abenze inkohlakalo ngesikhathi sodlame lwe-COVID-19, abenza ubugebengu ka-Eskom kanye noSARS .
Umethuli wezinhlelo uVusizwe Langa ushiye phansi ukusebenza enhlanganweni i-South African Broadcasting Corporation (SABC), maqede wajoyina iNewsroom Afrika emva kokuthumela incwadi yokushiya ngoDisemba 2022.
ZITHOLELE USHICILELO LWEMPELAVIKI YANGO MHLAKA 24 FEBRUARY 2023
I-ANC eThekwini iqoke ukhansela Zandile Myeni weNational Freedom Party (NFP) njengePhini leMeya entsha yeTheku kanye noThabani Miya we-Economic Freedom Fighters ukuthi abe ngusihlalo wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu eMkhandlwini.
Odokotela bafuna inkantolo yabo eyisiphesheli ngakho inhlangano iSouth African Medical Association (SAMA) ithi ingakuthokozela ukuba nenkantolo ezoqula amacala odokotela nabasebenzi bezempilo enzeka ngesikhathi besemsebenzini wabo.
Owesifazane waseStanger endaweni yase Thembeni uthi ucela ukusizwa ngemali yezindleko zokwelapha indodakazi yakhe eshiswe umama wakwamakhelwane nge Acid. Lona wesifazane ogama lakhe uJabu Thabethe uthi indodakazi yakhe ishe kabuhlungu yaze yonakala nobuso, kanti nesibhedlela naso sehlulekile ukumsiza, njengoba ilaliswe izinsuku ezimbalwa maqede yakhishwa nomuthi wamehlo kuphela.