Asibathandeni besaphila abantu
Angiphinde nginibhalele ngokudabuka emoyeni mangibona isizwe esimnyama siphakamisa umkhuba wokungamnaki ophilayo kunakwe kakhulu ongasekho, sekwaba yinjwayelo ukuthi umuntu anganakwa esaphila, angahlupheka umndeni ukhona unawo wonke amandla okulekelela lapho udingeka khona kodwa ungayingeni nokuyingena leyondaba. Angagula umuntu kudingeke imali ukuze kutholakale odokotela abaziwa njengochwepheshe kodwa umndeni ucashe ezintangeni uthole wonke umuntu ekhala ngokungabi namali yokumusiza kodwa kungathi angadlula emhlabeni bakhiphe imali engasukumi phansi ukuhlela umngcwabo wakhe kumiswe bonke ubuchwepheshe besimanje kuhlobiswe ngezimbali ungaze ufunge ukuthi kuyashadwa kanti cha kuyangcwatshwa.

