INjabulo IBafana ikhipha izikhondlakhondla zase Afrika kowe Afcon

SBU MAMBA

Iqembu lesizwe iBafana Bafana limangaze abaningi liqumba phansi izinkuzi ezihlonishwayo ebholeni lase Africa iMorroco ngo 2-0 emdlalweni we Africa Cup of Nations ( AFCON) e Lourent Pokou Stadium , eSan Pedro , eIvory Coast ngolwesibilli ebusuku , amagoli eNingizimu Afrika ashaywe u Evidence Makgopa ogijima ku Orlando Pirates ne Free kick enhle ka Tebogo Mokoena we Mamelodi Sundowns .

IMorocco elinye lamaqembu ebe lithwele ngeqoma ukuthi lizodla lesicoco se Afcon kulandela ukudlala kwabo kahle endebeni yomhlaba ( World Cup) ebise Qatar Ngo 2022 kanti futhi ngokwama Fifa Rankings lingaphezulu kakhulu kune South Africa. Umqeqeshi weBafana u Hugo Broos ujabulise kakhulu ngalomphumela wabonga iqembu lakhe ngokudlala kahle nokukhombisa ukungayisabi i Morocco , lensizwa yase Belgium ezethembayo ikhuluma nabezindaba mayelana namalungiselelo alomdlalo ngomsombuluko ntambamba ithe nje uma bengakhipha iMorroco bazoyiwina i AFCON. Kuzokhumbuleka ukuthi uBroos useke wasidla lesicoco ngo 2017 esaqeqesha i Cameron.
Ngokunqoba lomdlalo iBafana izibekele indawo kuma quarter-final , emdlalweni olandelayo izobhekana nezinsizwa zase Cape Verde ngomgqibelo ebusuku kanti amanye amaqembu asengenile kuma quater-finals iqembu lasekhaya I- Ivory Coast, Angola, Nigeria, Democratic Republic of Congo (DRC), Mali kanye ne Guinea , iNingizimu Africa yagcina ukuwina indebe ye Afcon ngo 1996

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *