
SBU MAMBA
Iphinde yaqopha umlando iMamelodi Sundowns inqoba isicoco seligi okwesikhombisa (7) kulandelana , Amasandawana abhaxabule abafana bokuthula noxolo iKaizer Chiefs ngo 5-1 ngoLwesine ebusuku e-FNB Stadium emdlalweni weDSTV Premiership, iqophe umlando
iSundowns iwina iligi kusasele imidlalo ewu 6 kuphele isizini kanti bese kuyihlandla lika 14 beba ngompetha beligi .
Isiwombe sokuqala siphele ngeqanda ngapha nangeqanda ngale kodwa siphele iChiefs isingaphelele kulandela kukhishwa kwesitobha samaMakhosi uGiven Msimango ngekhadi elibomvu unompempe u-Abongile Tom , ziqale laphoke izinkinga zeChiefs kube yinhlanhla ukuthi isiwombe sokuqala siphele ngo 0-0 udonga lwasemuva kuMpofana bese luthanda kuba buthakathaka.
Ngesiwombe sesibili kushintshe kakhulu ukudla epletini ,abafana be Shoe Shine & Piano bawanyuse kakhulu amasokisi kuthe nje kungakapheli u 15 minutes wavula inkundla uTashreeq Mathews ngegoli lokuqala leSundowns akuphelanga ngisho nemizuzu emine zaphinde zakhala uMatias Esquivel evalela igoli lesibili laMasandawana , uphinde wabuya uMathews washaya elesithathu elesine lishaywe uLucas Rebiero Costa wase Brazil kanti oshayele isipikili sokugcina kuChiefs kube uThembinkosi Lorch elokubika lamakhosi lishwaye uMduduzi nakhona bekuyiphenathi.
Umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena ujabule kakhulu ngokunqoba lesicoco amasizini elandelana wabonga abadlali nabalandeli ngesaphothi kanti umqeqeshi weChiefs uCavin Johnson ukhale ngonompempe ngemuva kwenduku , uthe unompempe uMnumzane u-Abongile Tom wehlulekile kulawula umdlalo wathi akaneme neze ngezinqumo ezithathwe uTom kulomdlalo, uthe bekungafanele akhiphe uMsimango nge Red Card kodwa bekufanele athole eliphuzi , uJohnson obedinwe agane unwabu uthe yiwo kanye amaphutha kanompempe adonsele impofana amanzi ngomsele.

