Igcine idliwe yizembe iCape town Spurs ku DSTV Premiership

SBU MAMBA

Iqembu lase Kapa iCapetowns Spurs libuyele ehlathini ngemuva kokuqeda emsileni we DStv Premiership log ka 2024. I-Capetown Spurs ihlale isizini eyodwa nje kuphela ku PSL ,bekumbulwa kwembeswa ngonyaka odlule ishaywa ngapha nangapha imidlalo ilandelana ize yalanda umqeqeshi osemkantshubomvu ku DSTV uEnerst Middendorp , izamile lensizwa yase Germany ukubuyisa isithunzi seSpurs , yathusa abaningi iqumba phansi ezakaMagebhula i Orlando Pirates ithatha amaphuzu agcwele emdlalweni weligi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

ICapetown Spurs ilahle kakhulu amaphuzu ngonyaka odlule isaqeqeshwa uShaun Bartlet , abanye bathi okudonsele iSpurs amanzi ngomsele ukungathwengwa kwabadlali abanohlonze kodwa isitobha seSpurs uClayton Daniels uthi akulona iqiniso lelo , uthe ucabanga ukuthi okulimaze kakhulu iSpurs ukweswela abaxhasi (Sponsors) abasezingeni eliphezulu uthe iSpurs besishaya ngabadlali abayikhwalithi oNazeer Allie, Keegan Buchanan , Suprise Ralani no Michael Mprton. iCapetown Spurs inomlando omuhle ebholeni lakuleli , isabizwa nge Ajax Capetown yakhiqhiza izinkuzi ozazigijima kuBafana Bafana zagcine zidlala naphesheya kwezilwandle oThulani Serero , Terror Fanteni , Mathew Booth , Keagan Dolly , Khama Billiat , Gorge Maluleka noLebohang Manyama.

Esicongweni seDSTV kuhleli iMamelodi Sundowns ,ilandelwa i Stellenbosch ne Orlando Pirates abalwelwa kungena kuChampions League noma ku Caf Conferedation Cup

kanti ku top 8 nakhona kushubile , iKaizer Chiefs noSuthu Amazulu FC balwelwa kungena ku top 8 bazodlala kuMTN TOP 8 ngonyaka ozayo , ngasemsileni kuhleli ezika MaMkhize iRoyal AM neRichards Bay okungezeka badlale kuma Play-Offs ,khonamanjalo iMagesi FC eqeqeshwa umakadebona uMnu Clinton Larsen owayegijima kuManning Rangers ikhuphukele esigabeni esiphezulu ngonyaka ozayo izobe igijima ku DStv Premiership

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *