Umholi we-DA uthi iyona  kuphela  enamandla okugudlula uKhongolose ekubeni iqembu elibusayo

ZETHU PHOSWA

Umholo weDemocratic Alliance (DA)  uthi bayiqembu eliphikisayo elinamandla okugudluza i-African National Congress (ANC) emandlen KwaZulu-Natal, ngenxa  yokuthi banesibindi futhi bayiqembu elinabalandeli abaningi, ngesikhathi lokhu ekusho ngesikhathi  kunombuthano waleli qembu eCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibelo womhlaka 16 Meyi.

UMnu. John Steenhuisen ongumholi we -DA,  uthi yibona bodwa abayiqembu elinabalandeni abaningi futhi elinamandla, okugudluza i-ANC emandleni.

“Ngokwezibalo yithina esiyiqembu eliphikisayo elinamandla lapha KwaZulu-Natal. Siyacela abantu basethembe bayeke ukuvotela amaqembu amancane ngoba ngemuva kokhetho, avele ambathe ndawonye ne-ANC. Yebo i-ANC isenabo abantu abakholelwa kuyo kodwa yithina esinesibalo esiphezulu, kodwa isizwa ukumbatha namaqembu amancane ukuze ibuyele emandleani.

Kuzokhumbuleka ukuthi iTheku ngokhetho lohulumeni basekhaya, yaphuma i-ANC kodwa yasizwa amaqembu amancane avota nayo ukubuyela emandleni,” kuchaza uMnuz Steehuisen.

UMnu. Christopher Pappas,  okunguyena oqokelwe kwesokuba nguNdunakulu waleli qembu, uma lidla umhlanganiso ngokhetho lomhlaka 29 kuNhlaba (May), uthi iDA, kuphela inhlangano engakwazi ukuketula i-ANC emandleni, ngoba yibona kuphela abakwazi ukuphikisa le nhlangano. 

“Into esemqoka kunazo zonke kulolu khetho ukudala  amathuba emisebenzi, nokuthuthukisa ezomnotho, njengoba ukuthuthuka kwezwe kuncike emnothweni. Kunzima ukubona indoda ingakwazi ukubeka isinkwa etafuleni ngenxa yokungasebenzi. Njengoba nizosethemba nisivotela siyethembisa ukuthi sizokwakha amathuba emisebenzi angaphezulu kuka-300 000. Sizowuqeda lomthetho wokuthi amathuba emisebenzi atholwa ngabantu abaneminyaka engu-18 kuya ku-35” Kusho uPappas.

IDemocratic Alliance  (DA)yiqembu lezepolitiki elisungulwe  mhla zizine kuNhlangulana ngonyaka we-2000. Leli qembu  eliphikisayo elinamandla, lisungulwe ngamaqembu ezepolitiki amathathu, akha umbimbi. Amaqembu akha umbimbi kubalwa Democratic Party, New National Party ne Federal Allience. I-DA iyona nhlangano elandela iqembu elibusayo ngezihlalo ephalamende, inezihlalo eziyi-89, ilandela i-ANC enezihlalo eziyi-249, yona ilandelwa yi-EFF enezihlalo eziyi-25.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *