
Uhulumeni wobumbano lona esimazi ngamafuphi ngelithi iGNU ubukeka engase abe isibusiso kodwa esicashile kwabanye abantu bakuleli kanye nakwamanye amaqembu ezepolitiki.
Njengoba uhulumeni oholwa uMengameli uMnu Cyril Ramaphosa eqoke ukuthi kube nohulumeni wobumbano okudalwe ukuthi iqembu lakhe le ANC lehluleke lancama ukuthola amavoti anele ukuthi libuse ngalodwana, kodwa, lokhu kwabaningi akwehlanga kahle.
Iqiniso lilonke ukuthi wonke lamaqembu angaphansi kwalohulumeni wobumbano, ngaphambi kokhetho abematasa ekhankasela ukuthi ayikhiphe embusweni le ANC kaRamaphosa, lokhu ekwenza ngoba enethemba lokuthi azothola amavoti anele, kanti awabuzanga elangeni, ngoba abavoti bona babone ngenye indlela yokuthi kungabikho iqembu elizobhozomela umbuso ngalodwana, nakho lokhu okudalwe amaphutha enziwe umbuso weminyaka engamashumi amathathu wonke eqembu le ANC.
Amaqembu afana nele MK Party, EFF kanye namanye ahambisana nawo akubona kuyiphutha ukuthi uRamaphosa avume ukufaka amaqembu aholwa abamhlophe afana nele Democratic Alliance kanye nele Freedom Front Plus, lokhu akubona njengento yokudayiswa kwezwe noma ukufuna ukubuyisela umbuso wobandlululo.
Kanti ngakolunye uhlangothi kukhona abakubona kuyisibusiso ukuhlanganyela kwamaqembu enze umfelandawonye wokubusa elakuleli.
Empeleni kuyavela ukuthi akusikho neze okokuqala ukuthi uhulumeni ka ANC afake abamhlophe kwikhabhinethi lakhe njengoba kwake kwenzeka ngesikhathi salowo owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi uMnu Nelson Mandela, kanye naye uqobo umholi we MK Party uMnu. Jacob Zuma. Kodwa akuzange kube khona izinsolo zokubuyiselwa kwezwe kwabamhlophe njengoba kwenzeka manje.
Sizokhumbula phela ukuthi wonke lamaqembu angaphansi kombimbi lukahulumeni wobumbano ngaphambi kokhetho ayevele efisa ukuthi athole amavoti anele ukuthi ahlwithe umbuso kwi ANC ukuze alungise zonke lezizinto ezingahambi kahle ezifana nokuxhashazwa kwemali kahulumeni, izimpahla kanye nezinkampani ezingaphansi kukahulumeni, inkohlakalo edla lubi, kanye nokungahambisi kahle indaba yokulethwa kwezidingo kubantu.
Manje ke lamaqembu esengene kuhulumeni lokhu kuyisibusiso phela ngoba asezokwazi ukulungisa konke lokhu abe lokhu kade ekhala ngakho kokuqondisa umsebenzi wokubuswa kwezwe ngendlela elungile futhi enobulungiswa.
Ngakolunye uhlangothi kwalona iqembu le ANC njengoba liyingxenye yawo lohulumeni wobumbano lizothola ithuba lokugcina ngci lokuthi lilungise indlela elenza ngayo umsebenzi wokubusa ngobuqotho, mhlampe esingasho ukuthi uma likwazile ukwenza kahle lingakwazi ukubuyisa ukwethenjwa abantu bakuleli.
Kanti ngakolunye uhlangothi uma iqembu leANC lehluleka, lokho kuyonikeza lamaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano ithuba lokuzibonakalisa ukuthi impela ayakwazi ukubusa ngendlela enobulungiswa yokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika ngobuqotho, ekugcineni okungenzeka futhi sigcine sifezekile isifiso sawo sokuthi aketule iqembu leANC embusweni unomphela.

