Ugila izimanga u-Zime osemncane kwezoku Modela

SHEILA MHLONGO

Izinyembezi zeminyaka sezaphenduka injabulo nokuzingqaja ngomtanakhe obizwa uThengiwe Nkazimulo Myende oneminyaka engu-9 osezakhele udumo ngokumodela.

Ekhuluma nePhephandaba lomphakathi umama walentombazane esencane kodwa ebukeka inekusasa elihle kakhulu uthe: “ UThengiwe uqale nyakenye ukuba nguMqondisi womncintiswano wakhe wokuqala uMiss Distinct Kzn lapho senze khona nobubele sathumela ekhaya lezintandane laseKujabuleni e-Edendale lona umncintiswano wakhe weSecond Founded uMiss Trinity SA manje siyathanda ukupha njengoba naye ubeyisipho esivela kuNkulunkulu”.

“Angizange ngibathole abantwana emshadweni wami futhi uThengiwe wafika emva kweminyaka engu-7 ngitshelwe odokotela ukuthi ngeke ngibe nabantwana ngakho kumina ubeyisipho sami esivela kunkulunkulu ngakho uzisungulele umncintiswano wakhe futhi wazinikezela ekutheni uyohlale enikelela umphakathi aphinde afundise abanye izinhlobo zokumedela  ukuthi isipho sempilo sinikeza uThengiwe kusukela eqala ukumodela ngo-2022 Disemba ngingumama engiziqhenyayo kakhulu ngaye nomyeni wami kanye  nezingane zijabule  kakhulu ngiyabonga kubazali namamodeli ngokuletha lolu thando olungaka oluzonikelwa unkulunkulu wami ababusise kakhulu.” Ephetha.

 
 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *