SBU MAMBA
Uzidlela amahlanga umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso emidlalweni ye Betway Premiership ,akaqedi ngisho izinyanga elolonga iSundowns kodwa useqophe umlando eshaya izinkunzi zase Soweto ezihlonishwayo kulandelana , lensizwa edabuka ePortugal isezakhele ugazi kubalandeli be-Kaboyellow Masandawana ngenyanga edlule ngomhlaka 8 February ubhudluze i-Orlando Pirates ngamagoli amane kwelilodwa kanti zolo lokhu ngempelasonto uqumbe phansi iKaizer Chiefs ngegoli elilodwa eqandeni wabuya namaphuzu amathathu, umdlalo ubuse Lucas Moripe Stadium ngomgqibelo ntambama.
Lomphumela wokushaya iChiefs uthathe iSundowns wayibeka kumaphuzu angu 54 yavula igebe lamaphuzu angu 18 esicogweni seligi bathi abahlaziyi bebhola bathi awachithwe lamanzi ayikho lenkukhu iSundowns ayinikwe isicoco sayo kodwa ingwazi yeBafana Bafana ephinde ibe ngumhlaziyi kumabonakude ithi ezimnyama zingaliphosi ithawula basengayifica iSundowns , uFredericks ukholelwa ukuthi uma iPirates inganqoba imidlalo yayo yonke esesandleni ingayifica iSundowns kodwa okuhle nge Sundowns iyawashaya amagoli noma iSundowns ingalingana nePirates ngamaphuzu Amasandwana angawina nge “Goal Difference” , umgadli weSundowns uLucas Rebiero Costa uzihola phambili ngamagoli awu 12 ku Betway Premiership .
ISundonws isethubeni lokunqoba izicoco ezintathu , isicoco seligi , isicoco se Nedbank Cup nesicoco sase Afrika iCAF Champions League bese iyogijima ku Club World Cup , lomqhudelwano udlalwa amaqembu amakilabhu amakhulu ase Europe amaqembu afana no Manchester City , Liverpool , Napoli , Barcelona , Chelsea , Real Madrid , Juventus , Galatasaray , Atletico Madrid , Leverkusen, Bayern Munich.

