I-Club Med Ivule Ngokusemthethweni eBallito

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ehambisana noNgqongqoshe Wezokuvakasha uPatricia de Lille kanye nezinye izicukuthwane, uvule ngokusemthethweni iClub Med yokuqala eNingizimu Afrika eBallito.

ANELISIWE WALI

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ehambisana noNgqongqoshe Wezokuvakasha uPatricia de Lille kanye nezinye izicukuthwane, uvule ngokusemthethweni iClub Med yokuqala eNingizimu Afrika eBallito.

Lokhu kuyisinyathelo esikhulu ekuthuthukiseni iNorth Coast yaKwaZulu-Natal. Le ntuthuko izoguqula le ndawo ibe yisikhungo esisezingeni eliphezulu sokuhlala kanye nesikhungo esikhulu sezokuvakasha emhlabeni.

Amaphrojekthi amakhulu afana nalawa asiza ekwakheni amathuba emisebenzi, akhuthaze abatshalizimali ukuthi batshale imali, futhi enze iKwaZulu-Natal ibe yindawo eheha izivakashi ezivela emhlabeni wonke.

UNdunankulu uThami Ntuli ucele uNgqongqoshe Wezokuvakasha uPatricia de Lille ukuthi asize ekwandiseni izindiza eziqondile ezisuka emazweni ahlukahlukene ziye eKing Shaka International Airport.

UNdunankulu uNtuli ubelokhu egqugquzela ukuthi iKwaZulu-Natal ibe yisifundazwe esihamba phambili kwezomnotho nezokuvakasha. Ukwandisa izindiza ezixhumanisa iKwaZulu-Natal nomhlaba wonke kuyingxenye ebalulekile yohlelo lokukhulisa umnotho kanye nezokuvakasha esifundazweni.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *